20 Disemba, 2019

VI Amazwi Avelele Ngesimo SikaNkulunkulu Nalokho Anakho Nayikho

KaNkulunkulu

1. Injabulo kaNkulunkulu ibangelwa ubukhona nokuvela kokukulunga nokukhanya; ngenxa yokushabalaliswa kobumnyama nobubi. Ujabuliswa ukuthi ulethe ukukhanya nokuphila okumnandi kubantu; injabulo Yakhe yinjabulo elungile, iwuphawu lokuba khona kwakho konke okuhle futhi, okubaluleke kakhulu, iwuphawu lwentokozo. Intukuthelo kaNkulunkulu ibangelwa ukuba khona kokungalungi nokuphazamisa okukudalayo okulimaza isintu Sakhe; ngenxa yokuba khona kobubi nobumnyama, ukuba khona kwezinto ezihlanekezela iqiniso, ngisho nokuba khona kwezinto ezimelana nezinto ezilungile nezinhle. Intukuthelo Yakhe iwuphawu lokuthi azisekho izinto ezimbi, futhi iwuphawu lobungcwele Bakhe. Ukudabuka Kwakhe kubangelwa isintu, anethemba ngaso kodwa esiwele ebumnyameni, ngoba umsebenzi awenza kumuntu awufinyeleli kulokho akulindele, nangenxa yokuthi isintu asithandayo asikwazi sonke ukuphila ekukhanyeni. Uyadabuka ngesintu esingenacala, ngomuntu othembekile kodwa ongazi lutho, nangomuntu olungileyo kodwa ontulayo emibonweni yakhe. Ukudabuka Kwakhe kuwuphawu lokulunga nomusa Wakhe, uphawu lobuhle nobumnene. Injabulo Yakhe, ngokusobala, isuka ekunqobeni izitha Zakhe, nokuthola ukholo lwabantua. Ngaphezu kwalokho, ibangelwa ukuxoshwa nokubhujiswa kwazo zonke izitha bese isintu sithola ukuphila okumnandi nokunokuthula. Injabulo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu; kunalokho iwumuzwa wokwamukela izithelo ezinhle, okuwumuzwa ongaphezu kwenjabulo. Injabulo Yakhe iwuphawu lwesintu sikhululeka ekuhluphekeni kusuka manje kuya phambili nophawu lokungena ezweni lokukhanya. Imizwa yesintu, ngakolunye uhlangothi, yonke ikhona ngenxa yokuthandwa nguye, hhayi ngenxa yokulunga, ukukhanya, noma ngenxa yokuhle, ingasaphathwa eyawo wonke umusa onikezwe yiZulu. Imizwa yesintu inobugovu futhi eyasezweni lobumnyama. Ayikho ngenxa yentando kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyohlelo lukaNkulunkulu, ngakho umuntu noNkulunkulu akunakwenzeka kukhulunywe ngabo ngesikathi esisodwa. UNkulunkulu unamandla mkhulu futhi uhloniphekile kuze kube phakade, kanti umuntu eyohlale ephansi, engenamsebenzi. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu uhlale enza imihlatshelo ezinikela esintwini; umuntu, nokho, uhlale ezithathela futhi ezizamela yena kuphela. UNkulunkulu uhlale ehluphekela ukuphila kwesintu, kodwa abantu abanikeli lutho ngenxa yokukhanya noma ukulunga. Ngisho noma umuntu esebenza okwesikhashana, akwenzayo kubuthaka ngendlela yokuthi ngeke kumele ngisho igalelo elilodwa, ngoba umsebenzi womuntu uhlale ungowokuzuzisa yena hhayi abanye. Umuntu uhlale enobugovu, lapho uNkulunkulu ehlale ezidela. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke okunobulungiswa, okulungile, nokuhle, kodwa umuntu yilowo ophumelela ekwenzeni futhi oveza bonke ububi nokukhohlakala. UNkulunkulu akasoze aguquka ubunjalo bakhe bokulunga nobuhle, kodwa umuntu ukwazi ngokuphelele, noma nini, nakusiphi isimo ukumelana nokulunga nokwedukela kude noNkulunkulu.


Kucashunwe “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. UNkulunkulu uSomandla uvela emzimbeni womoya, ngaphandle kwesicubu nesincane noma igazi okuxhumanisa ikhanda nozwane. Ungaphezulu komhlaba wonke jikelele, ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo ezulwini lesithathu ephethe zonke izinto! Zonke izinto emhlabeni ziphakathi kwezandla zami. Uma ngikhuluma, kuyakuba njalo. Uma ngikuvumela, kuyakuba njalo. USathane ungaphansi kwezinyawo Zami, usemgodini ongenamkhawulo! Uma izwi Lami seliphumile, izulu nomhlaba kuyoshabalala kube ize leze. Zonke izinto ziyovuselelwa futhi konke lokhu yiqiniso elingaguquleki eliyiqiniso elikhulu kakhulu. Nginqobile umhlaba wonke, nganqoba bonke abenzi bobubi. Ngihleli la ngikhuluma nani, bonke abanezindlebe kufanele balalele nalabo abaphilayo kufanele bakwamukele.


Kucashunwe “Isahluko 15” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. UNkulunkulu uSomandla unamandla onke, uzuza konke futhi unguNkulunkulu wangempela ophelele! Akaphethe izinkanyezi eziyisikhombisa, aphathe oMoya abayisikhombisa, abe namehlo ayisikhombisa, avule izimpawu eziyisikhombisa futhi avule umqulu kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho uphatha izinhlupho eziyisikhombisa nezitsha eziyisikhombisa futhi uvula imidumo eyisikhombisa; kudala ushaye amacilongo ayisikhombisa! Zonke izinto ezidalwe futhi zapheleliswa Nguye kufanele zimdumise, zimnike inkazimulo futhi ziphakamise isihlalo Sakhe sobukhosi. O, Nkulunkulu uSomandla! Uyikho konke, ufeze konke, futhi Ngawe konke kuphelele, konke kuyakhanya, konke kukhululiwe, konke kukhululekile, konke kuqinile futhi kunamandla! Akukho okucashile noma okufihliwe. Ngaphezu kwalokho, wahlulela inqwaba yezitha Zakho, ukhombisa ubukhosi Bakho, ukhombisa umlilo Wakho oqothulayo, ukhombisa ulaka Lwakho, futhi ngaphezu kwalokho ukhombisa inkazimulo Yakho engakaze ibonakale, engapheli, futhi engenamkhawulo!


Kucashunwe “Isahluko 34” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Siyoni! E! Siyoni! Hlabelela! Ngibuye ngokunqoba, ngibuye nginqobile! Bantu nonke! Sheshani nime ngokuhleleka! Zinto zonke! Niyokuma ngqi, ngoba isiqu Sami sibheke lonke izulu nomhlaba futhi isiqu Sami sibonakala eMpumalanga yomhlaba! Ngubani olokotha angaguqi akhonze? Ngubani olokotha angakhulumi ngoNkulunkulu wangempela? Ngubani olokotha angabheki phezulu ngenhlonipho? Ngubani onganikezi indumiso? Ngubani olokotha angamemezi ukuncoma? Abantu Bami bayozwa iphimbo Lami, amadodana Ami ayophila ngaphakathi kombuso Wami. Izintaba, imifula, nazo zonke izinto ziyohalalisa ngokungapheli, futhi zigxumagxume zingami. Ngalesi sikhathi, akekho oyolokotha asale, akekho oyosukuma amelane Nami. Lesi yisenzo Sami esimangalisayo, futhi ngaphezu kwalokho ngamandla Ami amakhulu! Ngiyokwenza konke kungihloniphe ezinhliziyweni zakho futhi nangaphezu kwalokho ngiyokwenza konke kungidumise. Lokhu kuyinhloso yokugcina yohlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi lokhu kunqunywe Yimi. Akukho nomuntu oyedwa, akukho nto neyodwa, noma udaba olulodwa, okulokotha kusukumele ukumelana Nami, noma okulokotha kusukumele ukungiphikisa. Abantu Bami bonke bayothuthelekela eNtabeni Yami (lokhu kukhomba umhlaba engiyowudala kamuva) futhi bayothoba phambi Kwami ngoba nginobukhosi nokwahlulela, futhi ngiphethe igunya. (Lokhu kubhekise lapho ngisemzimbeni. Nginegunya futhi enyameni kodwa ngoba imikhawulo yesikhathi nendawo ayinakwedlulwa enyameni, ngakho akunakushiwo ukuthi ngithole inkazimulo. Kulapho kuphela ngibuyela eSiyoni bese ngiguqula ukubonakala Kwami okuyoshiwo khona ukuthi ngiphethe igunya, okungukuthi, ngithole inkazimulo.) Akukho okuyoba lukhuni Kimi. Konke kuyobhujiswa ngamazwi aphuma emlonyeni Wami, futhi kungenxa yamazwi Ami ukuthi bayoba khona futhi bayopheleliswa, anjalo amandla Ami amakhulu futhi linjalo igunya Lami. Ngoba ngigcwele amandla futhi ngigcwele igunya, akekho umuntu ongalokotha angivimbe. Senginqobile phezu kwakho konke futhi ngazuza wonke amadodana okuhlubuka.


Kucashunwe “Isahluko 120” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Nginikeze abakwa-Israyeli inkazimulo Yami ngase ngiyisusa, ngaletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi ngaletha bonke abantu eMpumalanga. Bonke ngibaholele ekukhanyeni ukuze baphinde babumbane babe nobudlelwano nakho, bangabe besadinga nokukufuna. Ngiyovumela bonke abafunayo ukuthi bakubone futhi ukukhanya babone nenkazimulo ebenginayo kwa-Israyeli; ngizokwenza babone ukuthi kudala ngehlela emhlabeni ngefu elimhlophe phakathi kwesintu, babone amafu amhlophe angenakubaleka kanye nezixheke zezithelo, futhi phezu kwalokho, babone uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngizokwenza ukuthi babone iNkosi yamaJuda, uMesiya abakade bemlangazelela, kanye nokuvela Kwami ngokuphelele engikade ngangihlushwa amakhosi iminyaka. Ngizosebenza kuwo wonke umhlaba futhi ngiyokwenza umsebenzi omkhulu, ngembule yonke inkazimulo Yami nayo yonke imisebenzi Yami kubantu ezinsukwini zokugcina. Ngizoveza ubuso Bami obukhazimulayo ekugcwaleni kwabo kulabo abebengilindile iminyaka eminingi, kulabo abebelangazelela ukuthi ngize ngefu elimhlophe, ku-Israyeli olangazelela befisa ukuthi ngivele futhi, nakubo bonke abantu abangihluphayo, ukuze bonke bazi ukuthi kade ngayithatha inkazimulo Yami ngayiletha eMpumalanga. Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!


Kucashunwe “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa—Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Emhlabeni jikelele ngenza umsebenzi Wami, futhi eMpumalanga, ukuhlokoma okusazulu akupheli, kunyakazisa onke amazwe namahlelo. Yizwi Lami elilethe bonke abantu esikhathini samanje. Ngizokwenza bonke abantu banqotshwe yizwi Lami, bawele kulo mfudlana bese bezinikela phambi Kwami, ngoba kade ngayibuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke ngayisa kabusha eMpumalanga. Ubani ongafisi ukubona inkazimulo Yami? Ubani ongalindile ngexhala ukubuya Kwami? Ubani ongakomele ukuvela Kwami futhi? Ubani ongabufuni ubuhle Bami? Ubani ongeke eze ekukhanyeni? Ubani ongeke akubone ukunotha kweKhanani? Ubani ongakufisi ukubuya koMhlengi? Ubani ongamthandi uSomandla Omkhulu? Izwi Lami lizosabalala emhlabeni wonke; ngifisa, ngibheke kubantu Bami abakhethiwe, ukukhuluma amazwi amaningana kubona. Njengamazulu anamandla anyakazisa izintaba nemifula; ngikhuluma emhlabeni jikelele nasesintwini. Yingakho amazwi asemlonyeni wami esebe yigugu kubantu, futhi bonke abantu bayawazisa amazwi ami. Umbani uphazima usuka ngaseMpumalanga uze ufinyelele eNtshonalanga. Amazwi Ami angendlela yokuthi umuntu akafuni ukuwayeka futhi khona lapho uwathola engaqondakali, kodwa phezu kwalokho, uyawathokozela. Njengosana oluzelwe, bonke abantu bayajabula bathokoze, bebungaza ukuza Kwami. Ngezwi Lami, ngizoletha bonke abantu phambi Kwami. Emva kwalokho, ngizongena ngokomthetho ohlangeni lwabantu ukuze bazongidumisa. Ngenkazimulo engiyikhiphayo namazwi asemlonyeni wami ngizokwenza ukuthi bonke abantu beze phambi Kwami bese beyabona ukuthi umbani uphazima usuka eMpumalanga, nokuthi sengehlele “eNtabeni yemiNqumo” yaseMpumalanga. Bazobona ukuthi kade ngaba semhlabeni, hhayi njengeNdodana yamaJuda kodwa njengoMbani waseMpumalanga. Ngoba kade ngavuswa ekufeni, ngasuka phakathi kwesintu, ngabuye ngavela futhi kubantu ngenkazimulo. NgiNguye lowo owayekhonzwa endulo, futhi ngingumntwana owalahlwa ngama-Israyeli endulo. Phezu kwalokho, nginguNkulunkulu uSomandla mabeze phambi kwesihlalo Sami sobukhosi bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, bezwe izwi Lami, babuke nemisebenzi Yami. Lokhu kungukuphelela kwentando Yami; kungukuphela novuthondaba lohlelo Lwami, kanye nenhloso yokuphatha Kwami. Izizwe zonke mazingidumise, zonke izilimi zingivume, bonke abantu bangethembe, bonke abantu babe ngaphansi Kwami!


Kucashunwe “Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa–Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Njengoba izwi Lami liba namandla, ngibheke futhi nesimo somhlaba. Ngamazwi Ami, izinto eziningi ezidaliwe zenziwa zintsha. Izulu liyashintsha, nomhlaba uyaguquka. Isintu sivezwa esimweni saso sokuqala, futhi kancane kancane, ngakunye ngakunye ngokohlobo lwakho, abantu bazithola bebuyela esifubeni semindeni yabo bengaqapheli. Ngizojabula kakhulu ngalokhu. Anginakho ukonakala, futhi imisebenzi Yami emikhulu iyaphelela, yonke ngaphandle kokuqaphela, iningi lezinto ezidaliwe liyaguqulwa, zonke ngaphandle kokuqaphela. Lapho ngidala umhlaba, ngenza zonke izinto ngokwezinhlobo zazo, ngenza zonke izinto ngohlobo lwazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile! Isigaba sokugcina sohlelo Lwami sesizofezeka. Wena mhlaba omdala ongcolile! Ngokuqinisekile uzowela phansi kwamazwi Ami! Ngokuqinisekile uhlelo Lwami luzokwenza ize! Nina zinto eziningi ezidaliwe! Nonke nizothola ukuphila okusha ngezwi Lami, manje nineNkosi enguMbusi! Wena mhlaba ohlanzekile nongenasici! Ngokuqinisekile uzosebenza ngenkazimulo Yami! Ntaba YaseZiyoni! Ungabe usathula! Ngibuye ngokunqoba! Phakathi kwendalo, ngihlolisisa wonke umhlaba. Emhlabeni, isintu sesiqale ukuphila okusha, sithole ithemba elisha. Bantu Bami! Kungenzeka kanjani ningaphili ekukhanyeni Kwami? Kungenzeka kanjani ningagxumagxumi ngenjabulo ngaphansi kokuqondisa Kwami? Amazwe amemeza ngenjabulo, amanzi azwakalisa umsindo wokuhleka omkhulu nomtoti. Israyeli ovusiwe! Kungenzeka kanjani ungaziqhenyi ngokugcotshwa Kwami kusengaphambili? Ngubani okhalile? Ngubani oklabalasile? U-Israyeli wangaphambili akasekho, u-Israyeli wanamuhla uvukile, wama waqonda futhi waphakama, emhlabeni, waphakama ezinhliziyweni zabo bonke abantu. Ngokuqinisekile u-Israyeli wanamuhla uyothola umthombo wokuphila ngabantu Bami! Gibhithe elinenzondo! Ngokuqinisekile awusamelene Nami? Ungazuza kanjani ngomusa Wami futhi uzame ukubalekela kokusola Kwami? Kungani ungephile ngaphakathi kokusola kwami? Bonke labo engibathandayo impela bazophila ingunaphakade, bese bonke labo abamelana nami bazosolwa Yimi impela kuze kube phakade. Ngoba nginguNkulunkulu onomhawu, ngeke ngibayeke kalula abantu ngakho konke abakwenzile. Ngizowuqapha wonke umhlaba, futhi, ngiqhamuka eMpumalanga yomhlaba nokulunga, ubukhosi, ulaka nokusola, ngizozibonakalisa ezihlweleni zabantu!


Kucashunwe “Isahluko 26” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. NginguNkulunkulu Ngokwakhe okungekho lutho olunjengaye, futhi ngaphezu kwalokho ngiyisiqu sikaNkulunkulu esisodwa futhi okuwukuphela kwaso, futhi Mina, engiwukuphelela kwenyama, ngiwukubonakaliswa okuphelele ngokwengeziwe kukaNkulunkulu. Noma ngubani olokotha angangihloniphi, noma ngubani olokotha akhombise ukwedelela emehlweni akhe, noma ngubani olokotha akhulume amazwi okungedelela nakanjani uyobulawa yiziqalekiso nolaka Lwami (kuyoba nokuqalekisa ngenxa yolaka). Futhi noma ngubani olokotha angethembeki noma abe njengomntwana Kimi, noma ngubani olokotha azame ukungenzela ubuqili nakanjani uyofa enzondweni Yami. Ukulunga, ubukhosi nokwahlulela Kwami kuyohlala phakade naphakade. Ekuqaleni, nganginothando futhi nginomusa, kodwa lokhu akusona isimo sobunkulunkulu Bami obuphelele; ukulunga, ubukhosi nokwahlulela kuyisimo Sami nje—uNkulunkulu ophelele Ngokwakhe. Ngesikhathi seNkathi Yomusa nganginothando futhi nginesihawu. Ngenxa yomsebenzi okwakufanele ngiwuqede nganginomusa wothando noma isihawu (bekungasekho kusukela lapho). Konke kuwukulunga, ubukhosi, nokwahlulela futhi lokhu kuyisimo esiphelele sobuntu Bami obejwayelekile buhlangene nobunkulunkulu Bami obuphelele.


Kucashunwe “Isahluko 79” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Imidumo eyisikhombisa iphuma esihlalweni sobukhosi, izamazamisa izulu nomhlaba, igumbuqela izulu nomhlaba, bese inkeneneza esibhakabhakeni! Umsindo uhlaba ngendlela yokuthi abantu abakwazi ukuwubalekela nokuwucashela. Ukuphazima konyazi nokuduma kwezulu kuyathunyelwa, kugumbuqela izulu nomhlaba ngokuphazima kweso, futhi abantu baseduze nokufa. Bese, uzamcolo onesihluku wemboza izulu nomhlaba ngesivinini sonyazi, wehla esibhakabhakeni! Emagunjini asemajukujukwini omhlaba, njengozamcolo ugobhozela kuyo yonke imigojana nemisele, akusali ngisho nelilodwa ibala, futhi ngenkathi uhlanza konke kusuka ekhanda kuya ozwanini, akufihleki lutho kuwo noma kube khona umuntu ongawukhoselela. Ukuduma kwezulu, njengokukhanya okwethusayo kokuphazima konyazi, kwenza abantu baqhaqhazele ngokwesaba! Inkemba ebukhali nxazonke igawula amadodana okuhlubuka, futhi isitha sibhekene nenhlekelele singenampheme nhlobo esingabalekela kuwo, amakhanda awo ezungeza esihlukwini sesiphepho, futhi, beshayeke baquleka, bawela emanzini agobhozayo befile ukuze bemuke. Bafa kalula bengenandlela nhlobo yokuphephisa impilo yabo. Imidumo eyisikhombisa isuka Kimi futhi ihambisa inhloso Yami, ewukushaya amazibulo aseGibhithe, ukujezisa ababi nokuhlanza amabandla Ami, ukuze onke axhumane ngokusondelana, acabange futhi enze ngendlela efanayo, futhi abe nenhliziyo eyodwa Nami, futhi ukuze onke amabandla emhlabeni akhiwe abe ngelilodwa. Yilena inhloso Yami.

Lapho izulu liduma, amagagasi okulila ayaqala. Abanye bavuswa ebuthongweni babo, bese, bethuke kakhulu, bethungatha ekujuleni kwemiphefumulo yabo bese bephuthuma emuva phambi kwesihlalo sobukhosi. Bayayeka ukulutha nokukhohlisa kanye nokwenza amacala, futhi asedlulile kakhulu isikhathi sokuba abantu abanjalo bavuswe. Ngibuka ngisesihlalweni sobukhosi. Ngibuka ekujuleni kwezinhliziyo zabantu. Ngisindisa labo abangilangazelela ngobuqotho nangokuzimisela, futhi ngiyabahawukela. Ngizosindisa kuze kube phakade labo abangithanda ezinhliziyweni zabo ngaphezu kwakho konke okunye, labo abaqonda intando Yami, nabangilandela kuze kube sekupheleni kwendlela. Isandla Sami siyobabamba ngokuphepha ukuze bangabhekani nalesi simo futhi bangalimali. Abanye, lapho bebona lo mbono wonyazi oluphazimayo, banosizi ezinhliziyweni zabo abayokuthola kunzima ukuluchaza ngamaphimbo, futhi ukuzisola kwabo sekufike emva kwendaba. Uma bephikelela ngokuziphatha ngale ndlela, sebedlulwe yisikhathi kakhulu. O, konke, konke! Konke kuyokwenziwa. Lokhu ngenye yezindlela Zami zokusindisa. Ngisindisa labo abangithandayo futhi ngibulale ababi. Ngakho umbuso Wami uyoqina futhi uzinze emhlabeni futhi bonke abantu bazo zonke izizwe kuwo wonke umhlaba nezulu bayokwazi ukuthi ngiwubukhosi, ngiwumlilo oqothulayo, ngiwuNkulunkulu othungatha inhliziyo yawo wonke umuntu ephakathi ekujuleni. Kusuka kulesi sikhathi kuya phambili, ukwahlulela kwesihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe kwambulwa obala ezihlweleni futhi kumenyezelwa kubo bonke abantu ukuthi ukwahlulela sekuqalile!


Kucashunwe “Isahluko 35” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Izwi elidumayo liyaphuma, lizamazamisa lonke izulu nomhlaba, livala abantu izindlebe, libenza bangakwazi ukushesha baqhele endleleni, futhi abanye bayafa, abanye bayabhujiswa, futhi abanye bayehlulelwa. Ngempela kuyisimanga esingakaze sibonwe ngumuntu ngaphambili. Lalelisisa, iziwombe zokuduma kwezulu ziphelezelwa yimisindo yokukhala, futhi lo msindo uvela eHayidesi, lo msindo uqhamuka esihogweni. Kungumsindo obuhlungu walawo madodana okuhlubuka asehlulelwe Yimi. Labo abangakusho engikushoyo futhi abangenzi engikwenzayo bahlulelwa kanzima futhi bamukela isiqalekiso solaka Lwami. Izwi Lami lingukwahlulela nolaka, futhi angiyeki muntu futhi angikhombisi sihe kumuntu, ngoba nginguNkulunkulu olungile uqobo Lwakhe, futhi nginolaka, ngiyavutha, ngiyahlanza, futhi ngiyabhubhisa. Kimi akukho okufihlakele, akukho okunemizwelo, kunalokho konke kusobala, kulungile, futhi akukhethi. Ngoba amadodana Ami angamazibulo asevele aNami esihlalweni sobukhosi, abusa zonke izizwe nabo bonke abantu, lezo zinto ezingenabulungiswa nezingalungile futhi abantu bayaqala ukwahlulelwa. Ngiyobacubungula ngabanye ngabanye, ngingeqi lutho, ngibambule ngokuphelele. Ngoba ukwahlulela Kwami kwambulwe ngokugcwele futhi kusobala ngokugcwele, futhi akukho nhlobo okugodliwe; ngiyolahla lokho okungahambisani nentando Yami futhi ngikwenze kubhubhe kuze kube phakade emgodini ongenamkhawulo; ngiyokwenza kushe phakade emgodini ongenamkhawulo; lokhu ngukulunga Kwami; lokhu ngukuqonda Kwami. Akekho ongakuguqula lokhu, futhi kufanele kulawulwe Yimi.


Kucashunwe “Isahluko 103” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Ngilungile, ngethembekile, nginguNkulunkulu ohlola inhliziyo yomuntu ephakathi kakhulu! Ngiyokwambula ngokushesha lowo ongowangempela nalowo ongowamanga. Akukho sidingo sokwethuka, zonke izinto zisebenza ngokwesikhathi Sami. Ukuthi ngubani ongifuna ngobuqotho, ngubani ongangifuni ngobuqotho—ngizonitshela. Yidlani kahle nje, phuzani kahle, wozani phambi Kwami futhi sondelani Kimi futhi ngiyokwenza umsebenzi Wami Ngokwami. Ningakhathazeki ngemiphumela esheshayo, umsebenzi Wami awuyona into engenziwa yonke kanyekanye. Phakathi kwawo kunezinyathelo Zami nokuhlakanipha Kwami, ngakho ukuhlakanipha Kwami kungambulwa. Ngiyonivumela ukuthi nibone ukuthi kuyini lokho okwenziwa yizandla Zami—ukujezisa ububi nokuhlomulisa ukulunga. Ngempela angenzeleli muntu. Ngikuthanda ngokweqiniso wena ongithanda ngokweqiniso, futhi ulaka Lwami luyohlala lukulabo abangangithandi ngokweqiniso, ukuze bahlale bekhumbula ukuthi nginguNkulunkulu oyedwa wangempela, uNkulunkulu ohlola inhliziyo yomuntu engaphakathi kakhulu.


Kucashunwe “Isahluko 44” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Ngibathanda bonke labo abazikhandla ngobuqotho ngenxa Yami futhi bazinikele Kimi. Ngibazonda bonke labo abazelwe Yimi kodwa abangangazi, futhi abaze bamelane Nami. Ngeke ngishiye muntu oqotho Kimi, kodwa ngiyophinda izibusiso zakhe kabili. Labo abangabongi ngiyobajezisa ngokuphindwe kabili, futhi ngeke ngibayeke kalula. Embusweni Wami akukho zigwegwe noma inkohliso, akukho ukuthanda izwe, okungukuthi, alikho iphunga labafileyo, kodwa konke kungubuqotho, ukulunga, konke kuwubumsulwa, ukuvuleka, akukho kucasha, akukho kufihlakala; konke kusha, konke kuyintokozo, konke kunokufundiswa okunosizo. Uma noma ngubani egcina iphunga labafile, nakanjani akakwazi ukuhlala embusweni Wami, kodwa uyobuswa ngenduku Yami yensimbi.


Kucashunwe “Isahluko 70” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Labo ababusa ngempela njengamakhosi bancike esimiselweni nasekukhetheni Kwami, futhi akufanele kube khona intando yomuntu. Uma noma ngubani elokotha ukubamba iqhaza kulokhu, kufanele ezwe ukugadla kwesandla Sami, futhi uyobhekana nomlilo Wami oqothulayo; lokhu kungolunye uhlangothi lokulunga nobukhosi Bami. Sengishilo, ngibusa zonke izinto, nginguNkulunkulu ohlakaniphile ophethe igunya eligcwele, futhi anginaluzwelo kumuntu, nginesihluku, anginamizwa. Ngiphatha noma ngubani (kungakhathaleki ukuthi ukhuluma kahle kanjani, ngeke ngimyeke) ngokulunga, ngobuqotho, nobukhosi Bami, ngibe ngenza wonke umuntu abone kangcono ukumangalisa kwezenzo Zami, abone lokho okuchazwa yizenzo Zami. Ngijezisa lonke uhlobo lwezenzo zemimoya emibi ngamunye, ngiyiphonse ngamunye emgodini ongenamkhawulo. Lo msebenzi ngawuqeda ngaphambi kokuqala kwesikhathi, ngibashiya bengenasikhundla, ngibashiya bengenandawo yokwenza umsebenzi wabo. Bonke abantu Bami abakhethiwe, labo abamiselwe futhi bakhethwa Yimi, abanakungenwa yibo noma nini, kodwa bahlala bengcwele. Labo engingabamiselanga futhi ngabakhetha ngibanikela kuSathane futhi ngibenze bangabe besasala.


Kucashunwe “Isahluko 70” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Kumele wazi ukuthi ngifisa uhlobo olunjani lwabantu; abangcolile abavunyelwe ukungena embusweni, abangcolile abavunyelwe ukungcolisa umhlabathi oNgcwele. Nakuba kungenzeka wenze umsebenzi omkhulu, futhi ususebenze iminyaka, uma ekugcineni useokungcola okuthunazayo—akubekezeleleki emthethweni weZulu ukuthi ufuna ukungena embusweni Wami! Kusukela ekusekelweni komhlaba kuze kube namuhla, angikaze ngilokothe ngivule intuba elula yokungena embusweni Wami ngenxa yalabo abazincengela Kimi. Lona umthetho wezulu, akekho ongawephula!


Kucashunwe “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Lapho konke kuhlelekile, lolo wusuku engiyobuyela ngalo eSiyoni, futhi lolu suku luyokhunjulwa yibo bonke abantu. Lapho ngibuyela eSiyoni, zonke izinto emhlabeni ziyothula futhi zonke izinto emhlabeni ziyoba nokuthula. Lapho sengibuyele eSiyoni, konke kuyophinde kuqhubeke nokubonakala kwakho kokuqala. Ngaleso sikhathi, ngiyoqala umsebenzi Wami eSiyoni, ngiyojezisa ababi futhi ngiklomelise abalungile, ngiyoqalisa ukulunga Kwami futhi ngiyokwenza ukwahlulela Kwami. Ngiyosebenzisa amazwi Ami ukufeza konke nokwenza wonke umuntu nakho konke kuzwe isandla Sami esisolayo. Ngiyokwenza bonke abantu babone inkazimulo Yami yonke, babone konke ukuhlakanipha Kwami, babone yonke inala Yami. Akukho muntu oyolokotha asukume enze ukwahlulela njengoba konke kuphethiwe Kimi. Kulokhu, wonke umuntu uyobona konke ukuhlonipheka Kwami, futhi bonke bayozwa ukunqoba Kwami okuphelele njengoba konke kubonakaliswa Ngami. Kulokhu, umuntu ukwazi kahle ukubona amandla Ami amakhulu, nokubona igunya Lami. Akekho oyolokotha angicasule, akekho oyolokotha angivimbe. Konke kwenziwa obala Kimi, ngubani obeyolokotha afihle noma yini? Ngiqinisekile ngokungamniki sihe! Izonakali ezinjalo kufanele zithole ukujezisa Kwami okunzima futhi inkucuza enjalo kufanele isuswe phambi kwamehlo Ami. Ngiyobabusa ngenduku yensimbi futhi ngiyosebenzisa igunya Lami ukubahlulela, ngaphandle kwesihe nesincane nangaphandle kokucabangela imizwa yabo nhlobo, ngoba ngiwuNkulunkulu uqobo lwakhe ongenamzwelo futhi onobukhosi futhi ongacasuleki. Lokhu kufanele kuqondwe yibo bonke futhi kubonwe yibo bonke ukuze kugwenywe ukuthi “ngaphandle kwesisusa noma isizathu” bashaywe bawiswe Yimi, babhujiswe Yimi, lapho kufika isikhathi, ngoba induku Yami iyoshaya iwise bonke abangicasulayo. Ngeke kusho lutho Kimi ukuthi bayazazi izinqumo Zami zokuphatha noma cha; lokho ngeke kusho lutho Kimi ngoba isiqu Sami asikwazi ukubekezelela ukucasula kwanoma ngubani. Lesi yisizathu sokuthi kuthiwe ngiyibhubesi; noma ngubani engimthintayo, ngiyomshaya ngimwise. Yingakho kuthiwa manje nginguNkulunkulu wozwelo nomusa onothando kungukungihlambalaza. Ngokwangempela angilona iWundlu kodwa ngiyibhubesi. Akekho olokotha angicasule futhi lowo ongicasulayo ngiyomjezisa ngokufa ngokushesha, ngaphandle komuzwa nomncane!


Kucashunwe “Isahluko 120” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Ngiwumlilo oshabalalisayo futhi angibekezeleli isinengiso. Ngenxa yokuthi bonke abantu badalwa yiMi, noma yini engiyishoyo nengiyenzayo, abantu kufanele bayilalele bangangivukeli. Abantu abanalo ilungelo lokugxambukela emsebenzini waMi, futhi abanagunya lokuhlaziya okuhle nokubi ngomsebenzi kanye namazwi aMi. NgiyiNkosi yendalo, futhi izidalwa kufanele zenze konke engikufunayo ngenhliziyo ethobekile kiMi; akufanele ziphikisane naMi futhi ikakhulukazi akufanele zingivukele. Ngisebenzisa amandla aMi ukubusa phezu kwabantu baMi, kanti bonke labo abayingxenye yendalo yaMi kufanele bathobele igunya laMi. Yize noma namuhla ninesibindi futhi ningihambela phambili, aniwathobeli amazwi enginifundisa ngawo, futhi anesabi, ngibhekana nokungalaleli kwenu ngokubekezela. Ngeke ngibanjwe yintukuthelo ngithikameze umsebenzi waMi ngenxa yezimpethu ezincanyana eseziphenduke ukungcola kwendunduma yobulongwe. Ngibekezelela konke lokhu okuqhubekayo njengamanje engikwenyanyayo kanye nezinto eziyisinengiso kiMi ngenxa yentando kaBaba, kuze kube amagama aMi aphelile, kuze kube yisikhathi saMi sokugcina.


Kucashunwe “Uma Amaqabunga Awile Ebuyela Ezimpandeni Zawo Uzozisola Ngabo Bonke Ububi Obenzile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Isihe Sami sivezwa kulabo abangithandayo futhi bazidele bona. Futhi isijeziso esilethwa phezu kwababi kungubufakazi kanye besimo Sami esilungile Kanye, ikakhulukazi, nobufakazi bentukuthelo Yami. Uma inhlekelele ifika, indlala kanye nesifo esibhubhisayo siyokwehlela bonke labo abaphikisana Nami futhi bayokhala. Labo abenze zonke izinhlobonhlobo zobubi, kodwa asebengilandele iminyaka eminingi, ngeke bangakhokhi ngamacala abo; nabo futhi, bayokwehlela enhlekeleleni, efana nayo ebithuka nje ibonakala eminyakeni eyizigidi, bayohlala esimweni esingapheli sokwethuka novalo. Futhi labo abalandeli Bami abakade bethembekile Kimi ngedwabayojabula futhi bababaze amandla Ami. Bayokuzwa ukweneliseka okungachazeki ngaphakathi futhi baphile ngenjabulo engingakaze ngiyiphe isintu. Ngokuba ziyigugu Kimi izenzo zabantu ezinhle kepha ngiyazinyanya izenzo zabo zobubi. Selokhu ngaqala ukuhola isintu, bengilokhu ngethemba ukuthi kuzoba neqembu labantu elinomqondo ofana noWami. angikaze ngibakhohlwe labo abangenawo umqondo ofanayo noWami; yilokhu ngibenyanya enhliziyweni Yami, ngilinde kuphela ithuba lokuletha impindiselo Yami kubona, okuyonginika injabulo ukuyibona. Usuku Lwami seluze lwafika namuhla, futhi angisadingi ukulinda!


Kucashunwe “Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Njengoba sewuvele uzimisele ukungisebenzela, ngeke ngisakudedela. NginguNkulunkulu ozondayo okubi, nginguNkulunkulu onomhawu ngomuntu. Njengoba sewuvele sewubekile amazwi akho phambi kwe-altare, ngeke ngisabekezelela ukuba usuke phambi kwamehlo Ami, futhi ngeke ngibekezelele ukuba ukhonze amakhosi amabili. Benicabanga ukuthi uzophinde uthande abanye emva kokubeka amazwi akho phambi kwe-altare Lami, emva kokuba uwabeke phambi kwamehlo Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangenze isiwula ngaleyo ndlela? Ingabe ucabanga ukuthi ungenza izifungo nje Kimi ngolimi lwakho? Ungafunga kanjani ngesihlalo Sami sobukhosi, Mina Ophakeme Kakhulu? Ingabe ucabanga ukuthi izifungo zakho sezidlulile? Ngiyanitshela, noma inyama yenu ingadlula emhlabeni, izifungo zenu azikwazi ukudlula. Ekugcineni, ngizonilahla ngokusekelwe ezifungweni zenu. Yize noma kunjalo nicabanga ukuthi ningabeka nje amazwi phambi Kwami ukuze nibhekane Nami kanye nokuthi izinhliziyo zenu zingasebenzela imimoya engcolile nemibi. Ulaka Lwami lungabekezelela kanjani abantu abaphila njengezinja, nanjengezingulube abangiphangayo? Kufanele ngiqhube izimemezelo Zami zokuphatha, ngimuke ezandleni zemimoya engcolile bonke labo abazazisayo “abangcwele” abakholwayo Kimi ukuba “bangilinde” ngendlela ehlelekile, ukuba babe inkabi Yami, ihhashi Lami futhi babe semseni wokuhlinzwa Yimi. Ngizokusiza ubuyisele lokho kuzimisela kwangaphambili uphinde ungisebenzele futhi. Ngeke ngibekezelele nasiphi na isidalwa ukuba singiphange. Ubucabanga ukuthi ungavele uphonse izicelo noma kanjani uphinde ungiqambele amanga noma yikanjani nje? Ubucabanga ukuthi angizwanga noma angibonanga izenzo zakho? Kungenzeka kanjani ukuthi amagama nezenzo zakho zifihleke emehlweni Ami? Ngingavumela kanjani abantu bangiphange ngaleyo ndlela?


Kucashunwe “Isimilo Senu Sibi Kakhulu!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

19. Uma izingelosi zidlala umculo nezinto ezikhahlazwayo zawo zingidumisa, angikwazi ukungabi nozwelo kumuntu. Ngizizwa ngidabuke kakhulu enhliziyweni Yami, futhi kunzima ukususa lobu buhlungu. Ekujabuleni nasekudabukeni Kwami, ukuhlukana nokuhlangana futhi nabantu, angikwazi ukungakhumbuli. Sihlukene ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi, asikwazi ukuhlangana njalo. Ubani ongaphunyuka enkumbulweni? Ubani ongayeka ukukhumbula okwedlule. Ubani ongefise ukucabanga ngokuqhubeka kwemizwa emnandi edlule? Ubani ongelindele ukubuya Kwami? Ubani ongafisi ukuhlangana nabantu? Inhliziyo ikhathazeke kakhulu, kanti imimoya yabo ikhathazeke kakhulu. Yize sifana emoyeni yethu, asikwazi ukuhlala sindawonye, kanti angeke sikwazi ukuhlala sibonana. Ngalokho impilo yabo bonke abantu yoniwe kakhulu kanti iyantula ekugcineni komzimba njengoba belokhu be langazelela Mina. Kube sengathi izinto ezilahlwe ezulwini, bekhala bebiza igama Lami emhlabeni, bebhekise amehlo abo Kimi ukusuka emhlabeni—dwa bangaphunyuka kanjani emlonyeni wempungushe ehahayo? Bangazikhulula kanjani ekusatshisweni nasekulingweni yiyo? Bangahlala kanjani bangazinikeli ngokuphelele endleleni yecebo Lami? Uma benxusa kakhulu, ngiyabafulathela, angisafuni ukubabona; kodwa ngingahlala kanjani ngingezwa ukukhala kwabantu abanjalo? Ngifuna ukulungisa ukungalungi kwabantu emhlabeni. Ngizozenzela Mina umsebenzi Wami emhlabeni jikelele, nginqabe ukuthi uSathane alimaze abantu Bami futhi, nginqabe ukuthi isitha senze intando yaso. Ngizoba yiNkosi emhlabeni ngimukise isihlalo sami sobukhosi lapho, ngenze ukuthi zonke izitha ziwele phansi zivume amacala azo phambi Kwami. Osizini lwami luxube nentukuthelo, ngizowunqoba umhlaba wonke, ngingashiyi noyedwa, ngenze zonke izitha zingesabe. Ngifuna ukwenza umhlaba ube ngamanxiwa, lapho zonke izitha zizoba khona, ukuvimba ukuthi zingabhebhethekisi inkohlakalo kubantu. Icebo Lami limisiwe, akekho noma ngabe ubani ongaliguqula. Njengoba ngintanta phezu komhlaba ngichachaza, bonke abantu bazobuka kabusha, zonke izinto zizovuselelwa. Angeke besalila, besangikhalela ukuba ngibasize. Inhliziyo Yami izothakasa, abantu bazobuya bejabulile Kimi. Umhlaba jikelele, ukusuka phezulu ukuya phansi uzogobhoza injabulo …


Kucashunwe “Isahluko 27” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

20. Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Ukhona yini oseke wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphikelelephi? Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga—uma umuntu engase aphikelele nokuba nenkani—ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kulesi sintu esimlahle ngaphandle kokujeqeza emuva? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Udinga ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, uyodedela luphi uhlobo lwentukuthelo? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.


Kucashunwe “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

21. Ngikushilo ngaphambili: NginguNkulunkulu ohlakaniphile. Ngisebenzisa ubuntu Bami obejwayelekile ukwambula bonke abantu nokuziphatha kobusathane, ngidalule labo abanezinhloso ezingalungile, labo abenza ngendlela eyodwa phambi Kwami futhi benze ngenye ngemuva Kwami, labo abamelana Nami, labo abangethembekile Kimi, labo abakhanukela imali, labo abenza ubuqili nenkohliso kubafowabo nodadewabo, labo abakhuluma ngolimi olumnandi ukuze bajabulise abantu, nalabo abangakwazi ukuxhumana nabafowabo nodadewabo ngokuvumelana ngenhliziyo nangengqondo. Abantu abaningi kakhulu, ngenxa yobuntu Bami obejwayelekile, bamelana Nami ngokuyimfihlo futhi benze ubuqili nenkohliso bezitshela ukuthi ubuntu Bami obejwayelekile abazi. Futhi abantu abaningi banaka ngokukhethekile ubuntu Bami obejwayelekile, benginika izinto ezinhle ukuze ngidle futhi ngiphuze, bengisebenzela njengezisebenzi, futhi bekhuluma Kimi okusezinhliziyweni zabo, ngaso leso sikhathi benza ngokwehluke kakhulu ngemuva Kwami. Bantu abayizimpumputhe! Aningazi nhlobo—uNkulunkulu obheka ekujuleni kwenhliziyo yomuntu. Anikangazi namanje; nisacabanga ukuthi angikwazi enikuhlosile. Cabanga ngakho: Bangaki abantu abazichithakalisile ngenxa yobuntu Bami obejwayelekile? Vuka! Ungabe usangikhohlisa. Kufanele ubeke yonke indlela yokuphila nokuziphatha kwakho phambi Kwami, lonke izwi nokwenza kwakho, futhi wamukele ukukuhlola Kwami.


Kucashunwe “Isahluko 76” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

22. Ohlelweni Lwami, uSathane akakaze wachoboza izithende zesigaba ngasinye futhi ekummiseni ngokobuhlakani Bami, ubelokhu ezama ukuthola izindlela zokuphazamisa uhlelo Lwami lokuqala. Kodwa bengingavumela amaqhinga akhe alahlekisayo? Konke okusezulwini nokusemhlabeni kukhonza Mina—ingabe amaqhinga kaSathane alahlekisayo bengahluka? Yilokhu impela okuyimpambano yobuhlakani Bami, yikho kanye okumangalisayo ngezenzo Zami futhi wumgomo engenza ngawo zonke izinhlelo Zami zokuphatha. Ngesikhathi sokwakhiwa kombuso, nalapho bengingabalekeli amaqhinga kaSathane alahlekisayo kodwa Ngiqhubeke nomsebenzi obekumele Ngiwenze. Phakathi kwazo zonke izinto emhlabeni jikelele, Ngikhethe umsebenzi kaSathane njengalokho Engizokumisa. Akusibo ubuhlakani Bami lokhu? Akukhona okumangalisa ngempela ngomsebenzi Wami?


Kucashunwe “Isahluko 8” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

23. Uma ngiqala umsebenzi Wami ngokusemthethweni, bonke abantu banyakaza njengoba nginyakaza, kangangoba abantu emhlabeni wonke jikelele basebenza ngokuhambelana Nami, “kunenjabulo” emhlabeni jikelele, futhi umuntu ugqugquzelwa Yimi ukuya phambili. Ngaleso sikhathi, udrago omkhulu obomvu ngokwakhe ngimfake esimweni sentukuthelo nokudideka ngokomsebenzi Wami, futhi, ngaphandle kokuthi akazimisele, akakwazi ukulandela izifiso zakhe, okungamnikezi ukuzikhethela ngaphandle kokuthobela ukulawula Kwami. Kuwo wonke amacebo Ami, udrako omkhulu obomvu uyisithiyo Sami, isitha Sami, nesisebenzi Sami; angikaze ngithule “ngezidingo” Zami kuye. Ngakho-ke, isigaba sokugcina somsebenzi Wami wokuthatha isimo somuntu siqedelwe endlini yakhe. Ngale ndlela, udrago omkhulu obomvu uzokwazi ukwenza umsebenzi lowo engizonqoba ngawo ngiphelelise icebo Lami kangcono.


Kucashunwe “Isahluko 29” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

24. NgiyisiQalo, futhi ngiyisiPhetho. Ngingovusiwe nonguNkulunkulu oyedwa wangempela ophelele. Ngikhuluma amazwi Ami phambi kwenu, futhi kufanele nikukholwe ngokuqinile lokho engikushoyo. Kungedlula izulu nomhlaba kodwa alikho nelilodwa izwi noma owodwa umudwa walokho engikushoyo oyokwedlula. Khumbulani lokhu! Khumbulani lokhu! Uma sengikhulumile, akukho zwi elike labuyela emuva futhi izwi ngalinye lizogcwaliseka.


Kucashunwe “Isahluko 53” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

25. Lokho engikushilo kufanele kwenzeke, lokho okwenzekile kufanele kuqedwe, futhi lokhu akunakushintshwa yinoma ubani; lokhu kuyiqiniso ngokuphelele. Kungakhathaliseki ukuthi yilokho engikusho esikhathini esedlule noma yilokho engikusho esikhathini esizayo, konke kuzokwenzeka, futhi sonke isintu sizokubona. Lesi yisimiso okusekelwe kuso umsebenzi wamazwi Ami. … Kuyo yonke into eyenzeka emkhathini, akukho eningenalo izwi lokugcina kuyo. Yini ekhona engekho ezandleni Zami? Konke engikushoyo kwenzeka njengoba, futhi kubantu, ubani okhona ongashintsha umqondo Wami? Kungenzeka yini kube yisivumelwano engisenze emhlabeni? Akukho okungavimba uhlelo Lwami; Ngihlala njalo ngikhona emsebenzini Wami kanye nasohlelweni Lwami lokuphatha. Yini umuntu angayiphazamisa? Ingabe akumina yini owenze lawa malungiselelo? Ukungena kulesi simo namuhla, selokhu akuchezukile ohlelweni Lwami noma kulokho engikubone kusengaphambili; konke kwanqunywa Yimi kudala. Ubani phakathi kwenu ongaqonda uhlelo Lwami lwalesi sinyathelo? Abantu Bami bazolalela izwi Lami, futhi umuntu ngamunye kulabo abangithanda ngeqiniso uzobuya phambi kwesihlalo Sami.


Kucashunwe “Isahluko 1” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

26. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona.


Kucashunwe “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

27. Konke kuzofezekiswa ngamazwi Ami; akekho umuntu ozoba nesandla, akekho umuntu ozokwenza umsebenzi engizowenza. Ngizosusa umoya womhlaba ngiwuhlanze bese ngiqeda nawokugcina amadimoni emhlabeni. Sengiqalile, sengizoqala isinyathelo Sami sokuqala somsebenzi Wami wokujezisa endaweni ehlala udrako omkhulu obomvu. Ngalokho kuzobonakala ukuthi isijeziso Sami siwele kuwo wonke umhlaba, nokuthi udrako omkhulu obomvu nazo zonke izinhlobo zomoya wobumnyama zizophelelwa amandla okubalekela isijeziso Sami, ngoba ngibheka wonke umhlaba. Uma usuphelile umsebenzi Wami emhlabeni, kulapho, isikhathi sokwahlulela sifika ekupheleni, ngizobe sengimjezisa udrako omkhulu obomvu. Abantu Bami bazobona ukujezisa Kwami okulungileyo kukadrako omkhulu obomvu, bazodumisa ngenxa yokulunga Kwami, baphakamise igama Lami elingcwele ngenxa yokulunga Kwami. Nizobe senenza umsebenzi wenu osemthethweni, futhi nizobe seningidumisa ngokusemthethweni emhlabeni wonke, kuze kube naphakade!


Kucashunwe “Isahluko 28” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

28. Lapho ukufika kombuso kuzwakala kakhulu—okuylapho futhi kuqala ukuduma kwamazulu ayisikhombisa—lo msindo uzamazamisa izulu nomhlaba, unyakazise indawo ephezulu futhi uthuthumelise izintambo zezinhliziyo zabantu. Ihubo lombuso liyakhuphuka esizweni sikadrako omkhulu obomvu, kufakazela ukuthi sengibhubhise isizwe sikadrako omkhulu obomvu ngabe sengimisa umbuso Wami. Okubaluleke nakakhulu, umbuso Wami uyamiswa emhlabeni. Ngalo mzuzu, ngiqala ukuthumela izingelosi Zami kuzo zonke izizwe zomhlaba ukuze zeluse amadodana Ami, abantu Bami; lokhu kubuye kusho ukuhlangabezana nezidingo zesinyathelo esilandelayo somsebenzi Wami. Kodwa ngiziyela mathupha endaweni lapho udrako omkhulu obomvu ezisonge khona, ukuze ngilwe naye. Futhi lapho bonke abantu sebengazi enyameni, futhi sebekwazi ukubona imisebenzi Yami enyameni, kuyobe sekuthi indawo yokuhlala kadrako omkhulu obomvu iphenduke umlotha futhi ishabalale kungabikho umuntu oyaziyo.


Kucashunwe “Isahluko 10” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

29. Lapho bonke abantu sebephelelisiwe nazo zonke izizwe zomhlaba seziwumbuso kaKristu, kuyobe sekuyisikhathi-ke sokuduma kwamazulu ayisikhombisa. Usuku lwanamuhla luyigxathu eliya phambili endleleni eya kuleso sigaba, ukuhlasela sekudedelwe esikhathini esizayo. Lolu wuhlelo lukaNkulunkulu—esikhathini esiseduze luyofezeka. Kodwa, uNkulunkulu usekufezile konke akusho. Kanjalo, kusobala ukuthi izizwe zomhlaba ziyizinqaba nje ezisehlabathini eziqhaqhazelayo ngenkathi kusondela umsinga ophakeme. Usuku lokugcina luyasondela nodrako omkhulu obomvu uyoketuka awe ngaphansi kwezwi likaNkulunkulu. Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu lwenzeka ngempumelelo, izingelosi zezulu sezehlele emhlabeni, zenza konke ezingakwenza ukwanelisa uNkulunkulu. UNkulunkulu ngokwakhe osesimweni somuntu usenikele enkundleni yempi ukuhlasela isitha. Noma yikuphi lapho kuvela khona ukuba sesimweni somuntu, isitha siyabulawa kuleyo ndawo. IChina ngeyokuqala ukushabalaliswa, ibhidlizwa yisandla sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akayiniki thuba iChina.


Kucashunwe “Isahluko 10” sombhalo othi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

30. Ngiyabusa embusweni, futhi, ngaphezu kwalokho ngibusa emhlabeni wonke jikelele; ngiyiNkosi yoMbuso neNhloko yomhlaba jikelele. Ukusukela manje kuyaphambili, ngizohlanganisa bonke labo abangebona abakhethiweyo bese ngiqala umsebenzi Wami kwabeZizwe, futhi ngizomemezela imithetho Yami yokuphatha emhlabeni jikelele, ukuze ngifinyelele ngempumelelo esinyathelweni esilandelayo somsebenzi Wami. Ngizosebenzisa isijeziso ukusabalalisa umsebenzi Wami phakathi kwabeZizwe, okusho ukuthi, ngizosebenzisa indluzula kubo bonke labo abangabeZizwe. Ngokusobala, lo msebenzi uzokwenziwa ngesikhathi esisodwa nomsebenzi Wami kulabo abakhethiweyo. Ngenkathi abantu Bami bebusa besebenzisa amandla emhlabeni kuzoba nawusuku lapho bonke abantu emhlabeni bezokunqotshwa, futhi, ngaphezu kwalokho kuzoba yisikhathi lapho ngizophumula khona—kulapho kuphela lapho ngizobonakala kubo bonke labo abanqotshiwe. Ngiyabonakala embusweni ongcwele, bese ngizifihla ezweni lokungcola. Bonke labo abanqotshiwe balalela phambi Kwami bazokwazi ukubona ubuso Bami ngamehlo abo, balizwe izwi Lami ngezindlebe zabo. Lesi yisibusiso salabo abazelwe ezinsukwini zokugcina, yisibusiso esihlelwe ngaphambili Yimina, futhi singeguqulwe yinoma ngubani.


Kucashunwe “Isahluko 29” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

31. Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho! Umhlaba wenkolo—ungahlala kanjani ungabhujiswa ngamandla Ami emhlabeni? Ubani osalokotha ukungangilaleli nokungiphikisa? Ababhali? Zonke izikhulu zenkolo? Ababusi nabasemagunyeni emhlabeni? Izingelosi? Ubani ongabungazi ukuphelela nokwenela komzimba Wami? Phakathi kwabo bonke abantu, ubani ongaculi amaculo Ami angaphezi, ubani ojabule ngokungapheli? Ngihlala emhlabeni wekhaya likadrako omkhulu obomvu, kodwa lokhu akungenzi ukuba ngithuthumele ngokwesaba noma ngibaleke, ngoba bonke abantu bakhe sebeqalile ukumenyanya. Akukaze kube khona “umsebenzi” wanoma yini owenziwa phambi kukadrako; kunalokho, zonke izinto zenza njengokubona kwazo, zikhetha indlela ezifanele kahle. Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angashabalali? Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angawi?


Kucashunwe “Isahluko 22” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

32. Umsebenzi Wami wokugcina akusiwona owokujezisa umuntu kuphela kodwa ukuhlela isiphetho somuntu. Nangaphezu kwalokho, kungesizathu sokuthola ukwamukelwa kubo bonke, ngakho konke engikwenzile. Ngifuna wonke umuntu abone ukuthi konke engikwenzile kulungile nokuthi konke kuyindlela yokubonisa isimo Sami; akusikho ukwenza komuntu, kungasaphathwa imvelo, okwaletha isintu. Kunalokho, Yimina okhulisa konke okuphilayo endalweni. Ngaphandle kobukhona Bami, isintu singabhubha kuphela futhi sihlushwe yizinhlekelele. Akekho umuntu oyophinda futhi abone ilanga elihle kanye nenyanga noma umhlaba oluhlaza; isintu siyobona kuphela ubusuku obubandayo kanye nesigodi sethunzi lokufa esingenamkhawulo. Yimina kuphela insindiso yesintu. Yimina kuphela ithemba lesintu nangaphezulu, Ngiyilowo okuhlala kuye ubukhona besintu sonke. Ngaphandle Kwami, isintu siyoma ngqi masinyane. Ngaphandle Kwami, isintu siyovelelwa inhlekelele futhi sinyathelwe yilo lonke uhlobo lwemimoya emibi, nakuba engekho ongilalelayo.


Kucashunwe “Lungisa Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

33. Mhla sengibuya futhi, izizwe zizobe sezahlukanisekile ngemingcele ebekwe ngamalangabi Ami avuthayo. Ngaleso sikhathi ngiyoziveza kabusha kumuntu njengelanga elingqongqisayo, ngizibonakalise kubona obala ngomfanekiso woNgcwele abangakaze bawubone, ehamba phakathi kwezizwe eziningi, njengoba Mina, Jehova, ngahamba phakathi kwezizwe zamaJuda. Kusukela lapho kuya phambili, ngizobahola abantu ezimpilweni zabo emhlabeni. Bazoyibona nakanjani inkazimulo Yami baphinde babone insika yefu emoyeni ukubahola ezimpilweni zabo, ngoba ngizovela ezindaweni ezingcwele. Umuntu uzolubona usuku Lwami lokulunga nokubonakaliswa Kwami okukhazimulayo. Lokho kuzokwenzeka mhlazane ngibusa kuwo wonke umhlaba ngiphinde ngilethe amadodana Ami amaningi enkazimulweni. Bonke bazokhothama kuyo yonke indawo emhlabeni, kuthi nethabanekeli Lami lizomiswa liqine phakathi kwesintu, phezu kwedwala lomsebenzi engiwenzayo namhlanje. Abantu futhi bazongikhonza ethempelini. I-altare, eligcwele ukungcola, izinto ezizondekayo, ngizolidiliza libe zicucu bese ngilakha kabusha. Amawundlu azelwe namathole ayonqwatshelwa phezu kwe-altare elingcwele. Ngizobhidliza ithempeli lanamuhla bese ngakha elisha. Ithempeli elimile manje, eligcwele abantu abayisinengiso, lizobhidlika, futhi lelo engizolakha lizogcwala izinceku ezithembekile Kimi. Zizophinda futhi zime zingikhonze ngenxa yenkazimulo yethempeli Lami. Nakanjani nizolubona usuku engiyothola ngalo inkazimulo enkulu, nani nakanjani niyolubona usuku lapho ngibhidliza khona ithempeli ngiphinde ngakhe elisha. Futhi niyolubona nakanjani usuku lokuza kwethabanekeli Lami emhlabeni wabantu. Lapho ngibhidliza ithempeli, kanjalo ngiyoletha ithabanekeli Lami emhlabeni wabantu, lapho nje bebona ukwehla Kwami. Ngemuva kokuchitha zonke izizwe, ngiyophinda ngizihlanganise ndawonye kabusha, kusuka lapho ngakhe ithempeli Lami futhi ngimise i-altare Lami, ukuze bonke balethe imihlatshelo Kimi, bangikhonze ethempelini Lami, baphinde bazinikele ngokuthembeka emsebenzini Wami kubantu beZizwe. bayoba njengama-Israyeli anamuhla, begqoke ingubo yompristi nomqhele, nenkazimulo Yami, Mina Jehova, iphakathi kwabo nobukhosi Bami buphezu kwabo futhi buhlezi nabo. Umsebenzi Wami kwabeZizwe nawo uzokwenziwa ngendlela efanayo. Njengoba umsebenzi Wami wawunjalo kwa-Israyeli, nakubantu beZizwe uyoba njalo ngoba ngizokwandisa umsebenzi Wami kwa-Israyeli ngiphinde ngiwusabalalisele kwabeZizwe.


Kucashunwe “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

34. Bantu bayangihalalisela, abantu bayangidumisa; yonke imilomo ibiza igama likaNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo ukubuka izenzo zaMi. Umbuso wehlela emhlabeni, ubuntu Bami bucebile bunenala. Ngubani ongekuthokozele lokhu? Ngubani ongesine ngentokozo ngalokhu? O, Siyoni! Phakamisa ifulegi lakho lokunqoba ungidumise! Huba ingoma yakho yokunqoba usabalalise igama laMi elingcwele. Nonke zinto ezisemhlabeni! Manje zingcweliseleni Mina ngemihlatshelo! Zinkanyezi esibhakabhakeni! Manje phindelani ezindaweni zenu nikhombise ubukhulu baMi esibhakabhakeni. Ngilalela amazwi abantu emhlabeni, bethulula uthando olungenamkhawulo nokungihlonipha ngomculo! Kulolu suku, njengoba zonke izinto zivuseleleka, ngiyeza ukuzonyathela emhlabeni. Kulo mzuzu, izimbali ziyaqhakaza, izinyoni ziyacula, zonke izinto zigcwele injabulo! Phakathi kwenhlokomo yokukhuleka embusweni, umbuso kaSathane uyabhidlika, udilizwa yingoma ezamazamisayo yehubo elikhulu lombuso. Ngeke uphinde uvuke futhi!

Ngubani ngempela emhlabeni ongasukuma azabalaze? Njengoba ngehlela emhlabeni ngiletha umlilo, ngiletha ulaka, ngiletha izinhlekelele. Imibuso yomhlaba manje isiwumbuso waMi! Phezulu esibhakabhakeni, amafu ayagomonqeka akhukhumale; ngaphansi kwesibhakabhaka, amachibi nemifula kuyaqubuka kuphehle imvunge enyakazisayo. Izilwane ebeziphumule ziyaphuma emigodini yazo, bonke abalalayo bayavuswa yiMi. Usuku bonke abantu ababekade belulindele seluze lwafika! Bangihubela amaculo amnandi ngokwedlulele!


Kucashunwe “Ihubo lombuso” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

35. Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. UNkulunkulu uhlala ekhona enhliziyweni yomuntu, futhi uphila phakathi komuntu ngaso sonke isikhathi. Nguye obeqhubekisa ukuphila komuntu, isisekelo sobukhona bomuntu, futhi utshale lukhulu ukuze umuntu aphile emuva kokuzalwa. Wenza umuntu azalwe kabusha, futhi wenza akwazi ukuphila endimeni nendima okumele abe kuyo. Sibonga amandla Akhe, kanye namandla Akhe okuphila angeshatshalaliswe, umuntu uphile izizukulwane eziningi, kukho konke amandla kaNkulunkulu yiwo akade enza ukuthi umuntu aqhubeke nokuba khona, futhi uNkulunkulu ukhokhe inani umuntu ojwayelekile angakaze alikhokhe. Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha. Amandla kaNkulunkulu akhona, futhi akhanyisa bha, noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo. Izulu nomhlaba kungaba nezinguquko ezinkulu, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kufana. Zonke izinto ziyedlula, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kulokhu kumile, ngoba uNkulunkulu ungumthombo wobukhona bazo zonke izinto, futhi ungumsuka wobukhona bazo. Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, futhi ubukhona bomhlaba busuka emandleni okuphila kukaNkulunkulu. Akukho okubalulekile okungadlula ubukhulu bukaNkulunkulu, futhi akukho okunamandla okuphuma emandleni okuphathwa nguNkulunkulu. Ngale ndlela, ngisho noma bangobani, bonke abantu kumele bathobele ukubusa kukaNkulunkulu, bonke abantu kumele baphile ngaphansi kokulawulwa uNkulunkulu, futhi akekho umuntu ongaphunyuka elulawuleni Kwakhe.


Kucashunwe “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

36. Zingaki izidalwa eziphilayo futhi ezizalanayo ebukhulwini obubanzi bomhlaba nezulu, zilandela umthetho wokuphila ngokuphindaphinda, zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu sesiyibuzile le mibuzo izinkulungwane zeminyaka, siphindelela. Ngeshwa, lapho isintu sishisekela kakhulu ngale mibuzo, yilapho kukhula kakhulu ukomela kwaso isayensi. Isayensi inika ukwaneliseka okufishane kanye nenjabulo yesikhashana, kodwa ayenele neze ukukhulula isintu esizungwini, umzwangedwa kanye nengebhe ecishe ingafihleki nokungabi namandla okusekujuleni komphefumulo waso. Isintu simane sisebenzise ulwazi lwesayensi olubonakala ngamehlo enyama nalokho ingqondo yaso engakuqonda ukuze kwenze inhliziyo yaso ibe ndikindiki ingabe isezwa, kepha lokhu akusivimbi isintu ukuthi sihlole izimfihlakalo. Isintu asazi ukuthi ngubani oyiNkosi yezinto zonke emhlabeni nasezulwini, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula.Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka. Akunandaba ukuthi uyakwazi ukubona isenzo sikaNkulunkulu, akusho lutho noma uyakholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi isimiselo sakho singaphansi kokumisa kukaNkulunkulu, futhi akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebusa phezu kwezinto zonke. Ubukhona negunya Lakhe akumisiwe phezu kokuthi kuyabonwa noma kuyaqondwa ngumuntu. Nguye kuphela owazi isikhathi esiphambilini, isikhathi samanje nekusasa lomuntu, futhi Nguye kuphela ongalawula isimiselo sesintu. Akunandaba noma uyakwazi ukwemukela leli qiniso, kungekudala umuntu uzozifakazela lezi zinto ngamehlo akhe, futhi yileli qiniso uNkulunkulu azoliveza licace. Isintu siyaphila futhi sife uNkulunkulu ebhekile. Isintu siphilela ukuphatha kukaNkulunkulu, futhi uma amehlo akhe evaleka okokugcina, lokho kungenxa yakho lokho kuphatha. Ngokuphindelela, umuntu uyafika futhi ahambe, kuye le nale. Ngaphandle kokukhetha, konke kuyingxenye yokubusa nokuhlela kukaNkulunkulu. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuya phambili futhi akukaze kukhawuke. Uzokwenza isintu sazi ngokuba khona Kwakhe, sithembe ubukhosi Bakhe, sibone isenzo Sakhe, futhi sibuyele embusweni Wakhe. Uhlelo Lwakhe lolu, kanye nomsebenzi Akade Ewenza izinkulungwane zeminyaka.


Kucashunwe “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

37. Isimo sikaNkulunkulu siyindaba engaqondakali kakhulu kuwo wonke umuntu, futhi ngaphezu kwalokho kuyinto engelula kunoma ngubani ukuyemukela, ngoba isimo sikaNkulunkulu asifani nobuntu bomuntu. UNkulunkulu, naye, unemizwa yakhe yenjabulo, intukuthelo, usizi nentokozo, kodwa le mizwa iyehluka kweyomuntu. UNkulunkulu uyilokhu ayikho futhi unalokhu anakho. Konke akuvezayo nakwembulayo kumela ubunjalo bakhe nomfanekiso wakhe. Lokho ayikho nalokho anakho, kanye nobunjalo nomfanekiso Wakhe, yizinto ezingeke zivalelwe isikhala ngumuntu. Isimo Sakhe sihlanganisa uthando Lwakhe ngesintu, induduzo ngesintu, inzondo ngabantu, futhi ikakhulu, ukusiqonda ngokuphelele isintu. Isimo somuntu, nokho, singase sinikeze ithemba, sigcwale impilo, noma singabi namuzwa. Isimo sikaNkulunkulu singesoMbusi wazo zonke izinto nezidalwa eziphilayo, eseNkosi yayo yonke indalo. Isimo Sakhe simela ukuhlonipheka amandla, ukuphakama, ubukhulu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuba phezulu. Isimo Sakhe siwuphawu lwegunya, uphawu lwakho konke okulungile nokuhle. Ngaphezu kwalokho, siwuphawu Lwakhe ongeke[a] acindezelwe noma ahlaselwe ubumnyama kanye nanoma imaphi amandla ezitha, futhi siwuphawu Lwakhe ongasoze oniwe (futhi ongeke akumele ukoniwa)[b] yinoma yini edaliwe. Isimo Sakhe siwuphawu lwamandla aphakeme kakhulu. Akukho muntu noma abantu abangakwazi noma abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe. Kodwa ubuntu bomuntu abuyilutho olwedlula uphawu nje lobukhudlwana bomuntu kunesilwane. Umuntu kuye nangokwakhe akanalo igunya, ukuzilawula nokwazi ukweqa imingcele yobuntu, kodwa engqikithini yakhe uyilowo oqhaqhazela emseni walo lonke uhlobo lwabantu, izehlakalo nezinto.


Kucashunwe “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

38. Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona. Ubunjalo bukaNkulunkulu bunzima kakhulu ukuqondakala, kodwa ngiyethemba ukuthi okungenani nonke ninalo ulwazana maqondana nesimo sikaNkulunkulu. Ngethemba ukuthi-ke, nizokwazi ukungibonisa futhi nenze okuningi okungaphambani nesimo sikaNkulunkulu. Lapho-ke ngiyoba nokwethemba. Isibonelo nje, gcina uNkulunkulu esenhliziyweni yakho ngazo zonke izikhathi. Uma kukhona okwenzayo, yenza okuhambisana nezwi Lakhe. Funa izinhloso Zakhe kuzona zonke izinto, futhi ugweme ukwenza lokho okungahloniphi nokwedelela uNkulunkulu. Ungalingi nakancane ukubeka uNkulunkulu emsamo wengqondo yakho ukugcwalisa isikhala senkathi ezayo enhliziyweni yakho. Uma wenza lokhu, uyobe wone isimo sikaNkulunkulu. Futhi, uma ungalokothi ukhulume amazwi noma ukukhononda okuhlambalaza uNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakho, futhi, uma ukwazi ukwenza kahle konke akubeke kuwe futhi uzithoba kuwo wonke amazwi Akhe kuyo yonke impilo yakho, khona-ke uyobe usukugwemile ukwephula izinqumo zokuphatha. Ngokwesibonelo, uma sewake wathi “Kungani ngingacabangi ukuthi unguNkulunkulu?” “Ngicabanga ukuthi la mazwi awulutho nje olungaphezu kokuthi awukukhanyisa kukaMoya oNgcwele,” “Ngokubona kwami akuyona yonke into eyenziwa uNkulunkulu enhle,” “Ubuntu bukaNkulunkulu abukho ngaphezu kobami,” “Amazwi kaNkulunkulu awakholakali nje,” noma amanye amazwi anje okwahlulela, ngakho ngiyanincenga ukuba nivume futhi niphenduke ezonweni kaningi. Ngale kwalokho, ngeke ube nethuba lokuxolelwa, ngoba awoni kuphela kumuntu, kodwa kuNkulunkulu uqobo. Ungakholwa ukuthi wahlulela umuntu, kodwa uMoya kaNkulunkulu wona awuboni ngaleyo ndlela. Ukungayihloniphi kwakho inyama Yakhe kulingana nokungahloniphi Yena. Uma-ke kunjalo, ingabe awusonanga yini isimo sikaNkulunkulu? Kufanele ukhumbule ukuthi konke okwenziwa wuMoya kaNkulunkulu wukuvikela umsebenzi Wakhe enyameni kanye nokuthi lo msebenzi wenziwe kahle. Uma ukushaya indiva lokhu, ngithi kuwe ungumuntu ongasoze aphumelela ekukholweni kuNkulunkulu. Ngokuba uhlokoze ulaka lukaNkulunkulu, ngakho uyosebenzisa isijeziso esifanele ukukufundisa isifundo.


Kucashunwe “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana