Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWADI,Iqiniso,. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IZINCWADI,Iqiniso,. Bonisa konke okuthunyelwe
29 Agasti, 2019
Isahluko 118
Lowo osukuma afakazele iNdodana Yami, ngiyomnika umusa; lowo ongasukumi afakazele iNdodana Yami, kodwa kunalokho omelana futhi osebenzisa imiqondo yomuntu ukuze enze ukulinganisa kwakhe, ngiyombhubhisa.
24 Agasti, 2019
Isahluko 119
Kufanele nonke niqonde izinhloso Zami, kufanele niqonde ukuma kwenhliziyo Yami. Manje yisikhathi sokulungiselela ukubuyela eSiyoni, anginamcabango wokunye ngaphandle kwalokhu.
14 Agasti, 2019
Isahluko 77
Ukungaqiniseki ngamazwi Ami kuyafana nokuba nesimo sengqondo sokuphika izenzo Zami. Lokho kusho ukuthi, amazwi Ami aphume esuka ngaphakathi eNdodaneni Yami, nokho anibeki kubaluleka Kuwo.
09 Agasti, 2019
Isahluko 76
Amazwi Ami onke angukuvezwa kwentando Yami. Ngubani ongacabangela umthwalo Wami? Ngubani ongaqonda inhloso Yami? Ngabe niyicabangile ngamunye imibuzo engiyibuze Kini? Yeka ukungacopheleli okungaka! Nilokotha kanjani niphazamise izinhlelo Zami? Naze naba nesihluku! Uma umsebenzi onjalo wemimoya emibi uqhubeka, ngizobaphonsa ekufeni ngokushesha emgodini ongenamkhawulo! Kade ngabona ngokucacile izenzo ezehlukene zemimoya emibi.
30 Julayi, 2019
Isahluko 74
Babusisiwe labo abafunde izwi Lami base bekholwa ukuthi lizofezeka—ngeke ngikuphathe kabi, kodwa ngiyokwenza lokho okholwa ukuthi kugcwaliseke kuwe. Lesi yisibusiso Sami esiza kuwe.
09 Julayi, 2019
Isahluko 70
Ukuthi imfihlakalo Yami yambuliwe futhi yavezwa obala, ayisafihliwe, kungenxa yomusa Wami nesihawu Sami ngokuphelele. Ukuthi izwi Lami liyabonakala phakathi kwabantu, alisafihlekile, nangokwengeziwe kungenxa yomusa nesihawu Sami.
04 Julayi, 2019
Isahluko 69
Lapho intando Yami iya phambili, noma ngubani olokotha amelane nayo futhi noma ngubani olokotha ahlulele noma angabaze, ngiyomxosha ngokushesha.
13 Juni, 2019
Isahluko 64
Akufanele uqonde amazwi Ami ngendlela engenangqondo; kufanele uqonde amazwi Ami ngazo zonke izingxenye futhi kufanele uzame ukuwaqonda ngokwengeziwe futhi uzindle ngawo ngokuphindaphindiwe, hhayi ngosuku noma ngobusuku nje.
09 Juni, 2019
Isahluko 63
Qonda izimo zakho, futhi ngaphezu kwalokho, cacelwa ngendlela odinga ukuyihamba; ungabe usalinda Mina ukuba ngikuphakamise ngezindlebe zakho bese ngikukhombisa izinto.
05 Juni, 2019
Isahluko 62
Ukuqonda intando Yami akwenziwa ukuze wazi kuphela, kodwa nokuba wenze ngokuhambisana nenhloso Yami. Abantu abayiqondi inhliziyo Yami. Uma ngithi lokhu kuyimpumalanga, kufanele bahambe bayocabanga, bezibuza, “Ngabe ngempela yimpumalanga?
02 Juni, 2019
Isahluko 61
Lapho unolwazi lwesimo sakho khona-ke ufeza intando Yami. Empeleni, intando Yami ayinzima ukuyiqonda, ukuthi nje esikhathini esedlule awukaze ufune ngokwenhloso Yami. Engikufunayo akuyona imiqondo yomuntu noma imicabango yomuntu, ingasaphathwa eyokufuna imali noma izimpahla zakho. Engikufunayo yinhliziyo Yakho, uyaqonda?
30 Meyi, 2019
Isahluko 60
Akuyona into elula ukuthi impilo ikhule; kudinga inqubo, futhi ngaphezu kwalokho, ukuba nikwazi ukukhokha inani futhi nibambisane Nami ngokuzwana, bese ngalokho namukela ukuncoma Kwami. Amazulu nomhlaba nazo zonke izinto zimiswe futhi zapheleliswa ngamazwi omlomo Wami futhi Ngami konke kungafezeka.
27 Meyi, 2019
Isahluko 59
Funa intando Yami ngokwengeziwe ezimweni ohlangana nazo futhi nakanjani uyothola ukuvunywa Yimi. Uma nje usazimisele ukufuna nokugcina inhliziyo engihloniphayo, ngiyokunika konke lokho okuntulayo.
25 Meyi, 2019
Isahluko 58
Uma uqonda intando Yami uzokwazi ukucabangela umthwalo Wami futhi ungathola ukukhanya nesambulo, futhi uthole ukudedelwa nenkululeko, wanelise inhliziyo Yami, uvumele intando Yami ngawe ukuba yenziwe, futhi ulethe yonke imfundiso yabangcwele, futhi wenze umbuso Wami emhlabeni uqine futhi uzinze. Into ebalulekile manje ukuqonda intando Yami, lena indlela okufanele ungene kuyo futhi ikakhulu ingumsebenzi okufanele ufezwe umuntu wonke.
Izwi Lami liwumuthi olungile owelapha zonke izinhlobo zezifo. Uma nje uzimisele ukuza phambi Kwami, ngizokuphulukisa, futhi ngikwenze ubone ukuba Kwami namandla onke, ubone imisebenzi Yami emangalisayo, ubone ukulunga nobukhosi Bami futhi ikakhulu ubone ukukhohlakala kwakho kanye nobuthakathaka bakho.
Izwi Lami liwumuthi olungile owelapha zonke izinhlobo zezifo. Uma nje uzimisele ukuza phambi Kwami, ngizokuphulukisa, futhi ngikwenze ubone ukuba Kwami namandla onke, ubone imisebenzi Yami emangalisayo, ubone ukulunga nobukhosi Bami futhi ikakhulu ubone ukukhohlakala kwakho kanye nobuthakathaka bakho.
23 Meyi, 2019
Isahluko 57
Uke wayihlola yini ngamunye imicabango nemiqondo Yakho, kanye nesenzo sakho ngasinye? Uyacacelwa yini ukuthi yikuphi kulokhu okuvumelana nentando Yami nokuthi yikuphi okungavumelani nayo?
21 Meyi, 2019
Isahluko 56
Sengiqale ukuthatha isinyathelo sokujezisa labo abenza okubi, labo abaphethe amandla, kanye nalabo abashushisa amadodana kaNkulunkulu. Kusukela manje, noma ubani ophikisana Nami enhliziyweni yakhe, isandla sezinqumo Zami zokuphatha siyoba phezu kwakhe.
12 Meyi, 2019
Isahluko 52
Ngivela njengeLanga lokulunga futhi nina kanye Nami sihlanganyela sindawonye inkazimulo nezibusiso ezinhle, kuze kube phakade naphakade! Lokhu kuyiqiniso ngokuphelele, futhi sekuqalile kakade ukugcwaliseka kini.
10 Meyi, 2019
Isahluko 51
O! Nkulunkulu uSomandla! Amen! Kuwe konke kukhululiwe, konke kukhululekile, konke kuvulekile, konke kwambuliwe, konke kugqamile, akunakufihlakala noma ukucasha. UnguNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu.
08 Meyi, 2019
Isahluko 50
Onke amabandla nabo bonke abangcwele kufanele babheke esikhathini esedlule kanye nasesikhathini esizayo: zingaki izenzo zenu zesikhathi esedlule ezifanelekile, futhi zingaki kuzo ezaba neqhaza ekwakhiweni kombuso?
06 Meyi, 2019
3. Yini umehluko phakathi kwamazwi kaNkulunkulu edluliswa ngabaphrofethi Ngenkathi Yomthetho kanye namazwi kaNkulunkulu echazwa nguNkulunkulu esenyameni?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu.
ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
-
I UNkulunkulu unikeze inkazimulo Yakhe ku-Israyeli wabe eseyisusa lapho, waletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi waletha bo...
-
Akuyona into elula ukuthi impilo ikhule; kudinga inqubo, futhi ngaphezu kwalokho, ukuba nikwazi ukukhokha inani futhi nibambisane Nami ngo...