Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula South African Gospel Music. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula South African Gospel Music. Bonisa konke okuthunyelwe

17 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"


Zulu Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"
I
UNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina
uphetha iNkathi Yomusa futhi ukhuluma amazwi aphelelisa nakhanyisayo,
amazwi asusa imiqondo engacacile ngoNkulunkulu enhliziyweni yomuntu.
UJesu wenza umsebenzi owawehlukile.
Wenza izimangaliso futhi welapha abagulayo,
washumayela ivangeli lombuso wezulu,
futhi wabethelwa ukuze ahlenge bonke abantu.
Ngakho umuntu uba nomqondo wokuthi uNkulunkulu uyohlala enjena.

14 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"


Zulu Gospel Song | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena" 

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.
UNkulunkulu uyabazisa abantu abanjalo, futhi uyazazisa izenzo zabo,
nezinhliziyo kanye nokumthanda kwabo.
Yilesi isimo sengqondo sikaNkulunkulu.

11 Ephreli, 2019

Gospel Video "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwesimiselo Sawo Onke Amazwe Nabantu Bonke"


Gospel Video "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwesimiselo Sawo Onke Amazwe Nabantu Bonke"

UMbuso wamaRoma wasendulo noMbuso wamaNgisi yachuma futhi yaba namandla ngokushesha yase futhi iphenduka iya ekuweni nasencithakalweni. Manje, iMelika seyiphenduke izwe lomhlaba elinamandla amakhulukazi ngokungephikwe futhi lineqhaza lokuzinzisa isimo somhlaba. Yiziphi izinhlobo zezimfihlakalo ngempela ezifihlwe emuva kokuphakama nokuwa kwezizwe?

08 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Video "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu"


Zulu Gospel Video "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu"

Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu adala ngayo umhlaba? Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu ahole ngayo isintu isinyathelo ngesinyathelo kwaze kwaba namuhla? Lesi siqephu esimangalisayo esivela kubhayisikobho yobuKristu ethi, Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke, siloba ngomsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba, nokuhola nokuhlenga isintu. Sizokwambulela lezi zimpendulo.

05 Ephreli, 2019

Gospel Music "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni" (Zulu Subs)


Gospel Music "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni" (Zulu Subs)

Isintu besilokhu sifuna lezi zimpendulo iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa: kwenzeka kanjani ukuthi imihlaba esemkhathini iqhubeke ngokuhleleka okuphelele kangaka? Kungani zonke izinto eziphilayo zihlale zihamba ngokuzungeza zilandela imithetho engaguquki? Kungani abantu bezalwa, futhi khona-ke kungani sifa?

02 Ephreli, 2019

Best Gospel Music "Ukuphatha KukaNkulunkulu Kuhlala Kuya Phambili" (Zulu Subtitles)


Best Gospel Music "Ukuphatha KukaNkulunkulu Kuhlala Kuya Phambili" (Zulu Subtitles)

Lapho okhokho besintu, u-Adamu no-Eva, bekhohlakaliswa nguSathane, uNkulunkulu waqala ukuphatha Kwakhe insindiso yesintu. Kusuka kuleso sikhathi, usebenze ngokungaphezi: UNkulunkulu wamemezela imithetho yokuqondisa isintu, futhi wazifikela mathupha phakathi kwabantu ukuze abethelwe futhi ahlenge isintu, futhi ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu uqhuba umsebenzi Wakhe, egcwalisa iziphrofetho zeBhayibheli: “Ngiyonilungisela indawo.” (UJohane 14:2).

30 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo"


 Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo"

Esisekelweni sokubambelela emigomweni yayo yokusungulwa yenkululeko, intando yeningi, nokulingana … I-US ibambe iqhaza elibalulekile ekusimamiseni isimo somhlaba wonke kanye nokuzinzisa ukuhleleka komhlaba. Leli qhaza alinakuthathelwa ngokunye isikhundla ekuvikelweni nasekusimamisweni kwesimo somhlaba wonke.

27 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"


New Zulu Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"

Yini eyadala ukuphakama koMbuso wamaNgisi owake wanedumela? Futhi yini eyaholela ekuweni kwawo? Buka isiqephu sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu ukuze uthole okwengeziwe ngeqhaza elibalulekile uMbuso wamaNgisi owalibamba ekuthuthukeni kwesintu.

24 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Nokuwa Kombuso WamaRoma"


Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Nokuwa Kombuso WamaRoma"
 
UMbuso wamaRoma omdala usungulelwa ukuthi kusabalale ubuKristu. Uyachuma nobuKristu buyinkolo yombuso wawo. Bese ubhidlika ngenxa yokuhlupha kwawo amaKristu. …. Buka lesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu ukuze uthole izizathu eziyimbangela yokuphakama nokuwa koMbuso wamaRoma.

20 Mashi, 2019

Video "AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu"


 Gospel Movie Clip "AmaJuda Eya Ekudingisweni Kwelinye Izwe Kanye Nokusabalaliswa Kwevangeli Lombuso Wezulu"

Emuva kokuvuka kweNkosi uJesu, amaJuda adingiswa kuwo wonke umhlaba, nokwenza ukuthi ivangeli lombuso wezulu lisabalale kuwo wonke amagumbi omhlaba. Ngalokhu sibona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuphakeme kunamazulu, nokuthi izenzo Zakhe zimangalisa ngokungaqondakali.

11 Mashi, 2019

2018 Gospel Movie Clip - "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"


2018 Gospel Movie Clip - "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"

Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo. Akhala ngokuphuthumayo kuNkulunkulu, owawanika isethembiso—esasizoguqula isiphetho nokuphila kwawo. Pho sasiyini ngempela lesi sethembiso? Impendulo yambulwa kulesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu esimangalisayo esithi, Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli.

08 Mashi, 2019

Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"


Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"

Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

05 Mashi, 2019

New 2018 Gospel Music "Ukudala KukaNkulunkulu Umhlaba" (Zulu Subtitles)


New 2018 Gospel Music "Ukudala KukaNkulunkulu Umhlaba" (Zulu Subtitles)
 
UGenesise ulandisa ngendlela, ekuqaleni, uNkulunkulu adala ngayo umhlaba ngokumangalisayo. Lesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu sikwethulela isenzo esimangalisayo sikaNkulunkulu sokudala umhlaba.

02 Mashi, 2019

Best Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto" (Zulu Subs)


Best Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu futhi Esimamisa Isintu Nazo Zonke Izinto" (Zulu Subs) 

Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Ingabe uyathanda ukwazi ukuthi ubani obusa phezu futhi owesekela isintu nazo zonke izinto?Buka lesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu ukuze uthole okwengeziwe ngegunya likaNkulunkulu eliyingqayizivele.

26 Februwari, 2019

New Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"


New Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"

Emuva kokuba uMose ehole ama-Israyeli aphuma eGibhithe, uNkulunkulu wamemezela imithetho nemiyalelo, eyaqondisa impilo yama-Israyeli emhlabeni futhi yafundisa abantu indlela yokukhonza uNkulunkulu.

23 Februwari, 2019

Best Gospel Music "UNkulunkulu Uhola Ama-Israyeli Ewakhipha EGibhithe" (Zulu Subtitles)



Best Gospel Music "UNkulunkulu Uhola Ama-Israyeli Ewakhipha EGibhithe" (Zulu Subtitles)

Ukuze ahole ama-Israyeli ewakhipha eGibhithe, uNkulunkulu wathumela izinhlupho eziyishumi eGibhithe, wasebenzisa igunya Lakhe ngokwahlukanisa ulwandle phakathi, futhi wakhulula ama-Israyeli empilweni yawo yobugqila—konke okwakukhombisa amandla Akhe amakhulu, futhi kwedlulisa uthando nokukhathalela Kwakhe okukhulu kwabakhethiweyo.

17 Februwari, 2019

Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"


Best Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo"

Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

14 Februwari, 2019

Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhujiswa KweSodoma neGomora NguNkulunkulu"


Zulu Gospel Movie Clip - "Ukubhujiswa KweSodoma neGomora NguNkulunkulu"

Egcwele ububi nokuphinga, amadolobha amabili amakhulu aseSodoma naseGomora achukuluza isimo sikaNkulunkulu.

11 Februwari, 2019

2018 Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba" (Zulu Subtitles)


2018 Gospel Music "UNkulunkulu Ebusa Phezu Kwezulu Nomhlaba" (Zulu Subtitles)

Izulu nomhlaba kubanzi ngokungenamkhawulo, nezinkanyezi ezingabaleki ezakha umzungezo oowenziwe ngobunyoninco…. Uyafisa ukuthola ukuthi ngubani owadala imihlaba esemkhathini wezulu nomhlaba, futhi ngubani oyalela indlela yayo?

30 Novemba, 2018

Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili”


Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili”
I
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Nakuba inhloso isele ingaguqukile,
indlela yomsebenzi Wakhe ilokhu iguquka,
futhi kuba njalo nakulabo abamlandelayo.