Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amahubo. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amahubo. Bonisa konke okuthunyelwe

13 Disemba, 2019

Zulu Gospel Song | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"


african gospel music | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.

10 Disemba, 2019

South African Gospel Song "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo" (MV)

South African Gospel Song "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo" (MV)


Thatha ithuba lapho unesikhathi, hlala uthule phambi kukaNkulunkulu.
Funda izwi Lakhe, yazi amaqiniso Akhe, lungisa iziphambeko ezikuwe.
Izilingo ziyafika, bhekana nazo; yazi intando kaNkulunkulu futhi uzoba namandla.
Mtshele ukuthi yiziphi izinto ozintulayo, khuluma iqiniso Lakhe njalo.

06 Disemba, 2019

Isahluko 41


Mayelana nezinkinga ezivela ebandleni, ungagcwali ukukhononda okuningi. Lapho ibandla lakhiwa awagwemeki amaphutha, kodwa ungethuki lapho ubhekene nezinkinga, zotha uziqoqe. Anginitshelanga lokho? Thandaza Kimi njalo, futhi ngiyokukhombisa ngokucacile.

01 Disemba, 2019

Isahluko 43

Anginikhumbuzanga? Ningesabi; anizange nje ningilalele, bantu abangacabangi! Ngabe niyokwazi nini ukuqonda inhliziyo Yami? Nsuku zonke kunokukhanyiselwa okusha, nsuku zonke kunokukhanya okusha. Kukangaki nizibambela khona? Angikaze nginitshele Ngokwami? Anikenzi lutho njengezinambuzane ezinyakaza kuphela lapho zihlokozwa, kodwa anikwazi ukuzisukumela nina ukuze nibambisane Nami, nikhombise ukucabangela umthwalo Wami.

26 Novemba, 2019

Isahluko 44


Ngilungile, ngethembekile, nginguNkulunkulu ohlola inhliziyo yomuntu ephakathi kakhulu! Ngiyokwambula ngokushesha lowo ongowangempela nalowo ongowamanga. Akukho sidingo sokwethuka, zonke izinto zisebenza ngokwesikhathi Sami. Ukuthi ngubani ongifuna ngobuqotho, ngubani ongangifuni ngobuqotho—ngizonitshela. Yidlani kahle nje, phuzani kahle, wozani phambi Kwami futhi sondelani Kimi futhi ngiyokwenza umsebenzi Wami Ngokwami. Ningakhathazeki ngemiphumela esheshayo, umsebenzi Wami awuyona into engenziwa yonke kanyekanye.

20 Novemba, 2019

Isahluko 45


Nahlulela obala abafowenu nodadewenu sengathi akulutho. Aniwazi ngempela umehluko phakathi kokuhle nokubi; anilazi ihlazo! Ngabe lokhu akukhona ukuziphatha okunesibindi, okunobudlabha obesabekayo? Lowo nalowo kinina udidekile futhi unenhliziyo esindayo; nithwele umthwalo omningi kakhulu futhi akukho ndawo Yami kinina. Zimpumputhe! Ninonya kakhulu—kuyophela nini?

12 Novemba, 2019

Gospel choir song | "Kingdom Anthem: The Kingdom Descends Upon the World" | Extended Preview


Gospel choir song | "Kingdom Anthem: The Kingdom Descends Upon the World" | Extended Preview


Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

06 Novemba, 2019

Isahluko 46


Lowo ozikhandla futhi azinikele ngobuqotho Kimi, nakanjani ngiyomvikela kuze kube sekugcineni; isandla Sami nakanjani siyokubamba ukuze uhlale unokuthula futhi uhlale uthokoza futhi nsuku zonke ube nokukhanya nesambulo Sami. Nakanjani ngiyophinda kabili izibusiso Zami phezu kwakho, ukuze ube nalokho enginakho futhi ube nalokho engiyikho. Lokho okunikezwe ngaphakathi kuwe ngukuphila kwakho, futhi akekho ongakuthatha kuwe. Ungaziletheli inkinga noma ube nokucindezeleka; ngaphakathi Kimi kukhona kuphela ukuthula nentokozo. Ngikuthanda ngempela, wena mntwana onginaka futhi ungilalele ngobuqotho. Labo engibazonda kakhulu ngabazenzisi futhi nakanjani ngiyobabhubhisa. Ngiyosusa noma yiliphi iphunga lomhlaba endlini Yami, futhi ngisuse zonke lezo zinto engingakwazi ukubekezelela ukuzibona.

31 Okthoba, 2019

Isahluko 47


Nkulunkulu uSomandla wokulunga—Onamandla Onke! Kuwe ngokuqinisekile akukho okufihliwe. Leyo naleyo mfihlakalo kusuka endulo kuze kube phakade, abantu abangakaze bayambule, Kuwe iyavezwa futhi icace ngokuphelele. Asisadingi ukufuna nokuphumputha, ngoba namuhla isiqu Sakho sivezwa obala kithina, uyimfihlakalo eyambuliwe, futhi unguNkulunkulu ophilayo uqobo Lwakhe, futhi okwanamuhla ubhekene nathi, futhi kithi ukubona isiqu Sakho ngukubona yonke imfihlakalo yendawo yokomoya.

20 Okthoba, 2019

Gospel Choir “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni”Ukubuka Kungakabonwa: Ukungenisa Nge-Tap Dance


Gospel Choir “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni”Ukubuka Kungakabonwa: Ukungenisa Nge-Tap Dance

Umbukiso omangazayo we-tap dance wokwamukela umbuso! Inkathi entsha egujwa yibo bonke isifikile ekugcineni! Umculo wekhwaya enkulu yamaKristu, “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni,” uyeza masinyane!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

19 Septhemba, 2019

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)



2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)


Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.

17 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"


Zulu Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Wezinsuku Zokugcina Wenza Umsebenzi Wamazwi"
I
UNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina
uphetha iNkathi Yomusa futhi ukhuluma amazwi aphelelisa nakhanyisayo,
amazwi asusa imiqondo engacacile ngoNkulunkulu enhliziyweni yomuntu.
UJesu wenza umsebenzi owawehlukile.
Wenza izimangaliso futhi welapha abagulayo,
washumayela ivangeli lombuso wezulu,
futhi wabethelwa ukuze ahlenge bonke abantu.
Ngakho umuntu uba nomqondo wokuthi uNkulunkulu uyohlala enjena.

14 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"


Zulu Gospel Song | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena" 

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.
UNkulunkulu uyabazisa abantu abanjalo, futhi uyazazisa izenzo zabo,
nezinhliziyo kanye nokumthanda kwabo.
Yilesi isimo sengqondo sikaNkulunkulu.

11 Ephreli, 2019

Gospel Video "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwesimiselo Sawo Onke Amazwe Nabantu Bonke"


Gospel Video "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwesimiselo Sawo Onke Amazwe Nabantu Bonke"

UMbuso wamaRoma wasendulo noMbuso wamaNgisi yachuma futhi yaba namandla ngokushesha yase futhi iphenduka iya ekuweni nasencithakalweni. Manje, iMelika seyiphenduke izwe lomhlaba elinamandla amakhulukazi ngokungephikwe futhi lineqhaza lokuzinzisa isimo somhlaba. Yiziphi izinhlobo zezimfihlakalo ngempela ezifihlwe emuva kokuphakama nokuwa kwezizwe?

08 Ephreli, 2019

Zulu Gospel Video "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu"


Zulu Gospel Video "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu"

Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu adala ngayo umhlaba? Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu ahole ngayo isintu isinyathelo ngesinyathelo kwaze kwaba namuhla? Lesi siqephu esimangalisayo esivela kubhayisikobho yobuKristu ethi, Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke, siloba ngomsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba, nokuhola nokuhlenga isintu. Sizokwambulela lezi zimpendulo.

05 Ephreli, 2019

Gospel Music "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni" (Zulu Subs)


Gospel Music "UNkulunkulu Uphethe Ubukhosi Phezu Kwezinto Zonke Ezulwini Nasemhlabeni" (Zulu Subs)

Isintu besilokhu sifuna lezi zimpendulo iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa: kwenzeka kanjani ukuthi imihlaba esemkhathini iqhubeke ngokuhleleka okuphelele kangaka? Kungani zonke izinto eziphilayo zihlale zihamba ngokuzungeza zilandela imithetho engaguquki? Kungani abantu bezalwa, futhi khona-ke kungani sifa?

02 Ephreli, 2019

Best Gospel Music "Ukuphatha KukaNkulunkulu Kuhlala Kuya Phambili" (Zulu Subtitles)


Best Gospel Music "Ukuphatha KukaNkulunkulu Kuhlala Kuya Phambili" (Zulu Subtitles)

Lapho okhokho besintu, u-Adamu no-Eva, bekhohlakaliswa nguSathane, uNkulunkulu waqala ukuphatha Kwakhe insindiso yesintu. Kusuka kuleso sikhathi, usebenze ngokungaphezi: UNkulunkulu wamemezela imithetho yokuqondisa isintu, futhi wazifikela mathupha phakathi kwabantu ukuze abethelwe futhi ahlenge isintu, futhi ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu uqhuba umsebenzi Wakhe, egcwalisa iziphrofetho zeBhayibheli: “Ngiyonilungisela indawo.” (UJohane 14:2).

30 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo"


 Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo"

Esisekelweni sokubambelela emigomweni yayo yokusungulwa yenkululeko, intando yeningi, nokulingana … I-US ibambe iqhaza elibalulekile ekusimamiseni isimo somhlaba wonke kanye nokuzinzisa ukuhleleka komhlaba. Leli qhaza alinakuthathelwa ngokunye isikhundla ekuvikelweni nasekusimamisweni kwesimo somhlaba wonke.

27 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"


New Zulu Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu"

Yini eyadala ukuphakama koMbuso wamaNgisi owake wanedumela? Futhi yini eyaholela ekuweni kwawo? Buka isiqephu sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukuphakama Kombuso WamaNgisi Uqhuba Ukuthuthuka Kwesintu ukuze uthole okwengeziwe ngeqhaza elibalulekile uMbuso wamaNgisi owalibamba ekuthuthukeni kwesintu.

24 Mashi, 2019

Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Nokuwa Kombuso WamaRoma"


Gospel Movie Clip - "Ukuphakama Nokuwa Kombuso WamaRoma"
 
UMbuso wamaRoma omdala usungulelwa ukuthi kusabalale ubuKristu. Uyachuma nobuKristu buyinkolo yombuso wawo. Bese ubhidlika ngenxa yokuhlupha kwawo amaKristu. …. Buka lesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu ukuze uthole izizathu eziyimbangela yokuphakama nokuwa koMbuso wamaRoma.