Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula funa iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula funa iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe

19 Disemba, 2019

Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?

UPetru,iNkosi uJesu
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu.

28 Septhemba, 2018

Ingabe ukwahlulela kwezinsuku zokugcina okushiwo eBhayibhelini kubhekise emsebenzini kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu?