Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe

28 Septhemba, 2018

Ingabe ukwahlulela kwezinsuku zokugcina okushiwo eBhayibhelini kubhekise emsebenzini kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu?

06 Septhemba, 2018

3. Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

  Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu.

21 Julayi, 2018

Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu

uJesu,UNkulunkulu uSomandla, insindiso,umusa kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. 

23 Juni, 2018

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)



UJohane wasebenzela uJesu iminyaka eyisikhombisa, futhi wayevele eseyilungisile indlela lapho uJesu efika. Ngaphambi kwalokhu, ivangeli lombuso wezulu elalishunyayelwa nguJohane lalizwakala kulo lonke izwe, okwenza lisabalale eJudiya, futhi bonke babembiza ngomprofethi. 

15 Juni, 2018

Isenzo (7)

Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu. Ukuba nonembeza, ingqondo, nokuqonda, ukwazi ukuthi kumele nikhulume kanjani nokuthi nizibone kanjani izinto, ukunaka inhlanzeko, ukuziphatha njengabantu abajwayelekile—zonke lezi yizinto zobuntu obujwayelekile okumele nizazi. 

14 Juni, 2018

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)

UNkulunkulu USomandla uthi:“Nanivame ukufuna ukubusa njengamakhosi, kanti nanamhlanje anikakuyeki lokhu ngokuphelele; nisafisa ukubusa njengamakhosi, ukuphakamisa amazulu nisekele umhlaba. Manje, ake ucabange ngakho: Ingabe ninazo lezo zimfanelo? Ngabe anikhombisi yini ukungabi nangqondo? Ngabe lokhu enikufunayo nenichitha isikhathi ukukunaka, kuyinto ekhona? 

Phunyuka Emandleni Obumnyama Uzozuzwa UNkulunkulu

        Ayini amandla obumnyama?

       Lokhu okubizwa ngamandla obumnyama kuwukuba isigqila sikaSathane, kungamandla kaSathane, futhi kungamandla aholela ekufeni.

04 Juni, 2018

South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"



South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"
I
Inhloso yokwahlulela kukaNkulunkulu ukukhuthaza ukulalela komuntu;
inhloso yokusola kukaNkulunkulu ukuvumela ukuguquka komuntu.
Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ungenxa yokuphatha Kwakhe,
akukho akwenzayo okungalungile kumuntu.
UNkulunkulu ufuna amazwe akude nakwa-Israyeli ukuba alalele njengoba ama-Israyeli enza,
ukubenza babe ngabantu bangempela,
ukuze emazweni akude nakwa-Israyeli kuzuzeke indawo yonyawo lukaNkulunkulu.
Lokhu kungukuphatha kukaNkulunkulu.
Kungumsebezi Wakhe emazweni Abezizwe.

Isahluko 42

Angazi ukuthi lukhona yini uguquko abantu abalubonile ezwini lanamuhla. Abanye abantu kungenzeka ukuthi babonile kancane, kodwa abanaso isibindi sokusho ngokuqinisileyo.

01 Juni, 2018

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesishiyagalolunye

UNkulunkulu USomandla uthi:“Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. 

26 Meyi, 2018

South African Best gospel music 2018 “Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho”



South African Best gospel music 2018 “Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho”
I
Ukuqonda iqiniso kukhulula umoya womuntu kumenze ajabule.
Iqiniso lelo!
Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza.
Singaba kanjani nokungabaza?
Anginakho ukuphika, angihlehli emuva, angiphelelwa yithemba.

19 Meyi, 2018

13. Ukuqonda intando kaNkulunkulu phakathi kobunzima

UXiao Rui    wasedolobheni iPanzhihua, isifundazwe saseSichuan
     Lapho ngishumayela ivangeli ngahlangana nabaholi ababengenasineke ebeletha ubufakazi bamanga ukuba balwe baphazamise babize namaphoyisa. Lokhu kwaholela ekutheni labo ebengishumayela kubo bangazihluphi ukuba beze baxhumane nathi, nalabo ebebeqeda ukwamukela ivangeli bengakwazi ukuba nesibindi emsebenzini kaNkulunkulu. Lapho ngisebenza kanzima kepha imiphumela ingemihle, ngacabanga: Umsebenzi wevangeli unzima ukuwenza. Bekuzoba kuhle ukuba uNkulunkulu uveze izimangaliso ezithile bese ejezisa labo abafakaza ngamanga kanye nalabo abamzibayo impela uNkulunkulu ukuba avele kulabo abakhohlisiwe.

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane

 UNkulunkulu USomandla uthi:“KuNkulunkulu, umuntu ufana nento yokudlala ayibambe Kuye, njengendolomba edonswe ezandleni Zakhe—engancishiswa noma ikhuliswe ngendlela uNkulunkulu afisa ukwenza ngayo, ukuze enze akuthandayo ngayo. Kulungile ukusho ukuthi umuntu ngempela uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu, njengekati le-Persian elithengwe owesifazane emaketheNgaphandle kokungabaza, uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu—ngakho bekungekho phutha ngolwazi lukaPetru.

18 Meyi, 2018

Ibika Ledokhumentari "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ubufakazi Bamandla KaNkulunkulu



Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu?

16 Meyi, 2018

Isahluko 39

Masedlulele ngale kwamazwi kaNkulunkulu sikhulume kancane ngezindaba ezimayelana nezimpilo zethu ukuze izimpilo zethu ziqhakaze, siphile ngokwethemba uNkulunkulu analo ngathi.

13 Meyi, 2018

Abantu Abakhethiwe eShayina Abakwazi Ukumela Noma Yisiphi Isizwe sakwa-Israyeli


Indlu kaDavide yathola isethembiso sikaJehova, futhi yayingumndeni owathola ifa likaJehova. Kwasekuqaleni kwakungesinye sezizwe zakwa-Israyeli futhi kwakungesalabo bantu ababekhethiwe. Ngaleso sikhathi, uJehova wanquma umthetho kubantu bakwa-Israyeli othi bonke abantu abangamaJuda bendlu kaDavide, bonke labo ababezalwe kuleyondlu bayothola ifa Lakhe. 

Isenzo (4)

       Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba nosizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaliseki ukuthi injani impilo yakho. 

11 Meyi, 2018

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesishiyagalombili

       Isimo sabantu singukuthi ukuqonda kwabo kancane amazwi kaNkulunkulu kubenza bayingabaze kakhulu indlela yamanje yokusebenza kukaNkulunkulu. Kodwa lokhu akunamthelela emsebenzini kaNkulunkulu; lapho amazwi akhe efika eqophelweni elithile, izinhliziyo zabantu ziyaziphaphamela ngokwemvelo. 

06 Meyi, 2018

Izifundiswa ZaseNtshonalanga Nabamele iCCP eNhlanganweni Yezizwe NgeBandla LikaNkulunkulu uSomandla



Ngomhla kaMarch 1, 2018, ngesikhathi sokuhlangana kwamashumi amathathu nesikhombisa kweHuman Rights Council eNhlanganweni Yezizwe eGeneva, iCoordination of the Associations and Individuals for Freedom of Conscience (CAP LC) yahlela Umhlangano Oseceleni mayelana nokwenqatshelwa kwenkululeko yenkolo eChina kanye nodaba lweBandla likaNkulunkulu uSomandla (CAG).

03 Meyi, 2018

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesikhombisa

 UNkulunkulu USomandla uthi:“Namuhla, amazwi kaNkulunkulu asefike esicongweni sawo, okusho ukuthi, ingxenye yesibili yenkathi yokwahlulela isifike ovuthondabeni. Ngalesi sikhathi, iphimbo likaNkulunkulu seliguqukile, alisabhuqi futhi alisancokoli, futhi alisashayi, alisaqalekisi; uNkulunkulu uselithambisile iphimbo lamazwi Akhe.