Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula usuku lokugcina. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula usuku lokugcina. Bonisa konke okuthunyelwe

29 Disemba, 2019

(III) Amazwi Ngenkathi Yombuso—Inkathi Yokugcina

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,izwi likaNkulunkulu
28. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu.

21 Disemba, 2019

Izingxenye Ezine Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba”

UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Amazwi KaNkulunkulu

1. Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi.

01 Okthoba, 2018

Kungani uNkulunkulu ehlulela futhi esola isintu esikhohlakele emsebenzini Wakhe wezinsuku zokugcina?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Ngoba sesifikile isikhathi sokuqala kwesahlulelo endlini kaNkulunkulu” (1 Petru 4:17).
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile.