Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umsebenzi wensindiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umsebenzi wensindiso. Bonisa konke okuthunyelwe

28 Disemba, 2019

(II) Amazwi Ngokwembula Umsebenzi Wenkathi Yomusa

22. UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba senyameni wabethelwa esiphambanweni, waphinda wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze agcwalise umsebenzi wokuhlenga, ukuqeda iNkathi yoMthetho nokuqala iNkathi yoMusa, ngakho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Ngakho umsebenzi kaJesu wehluka ngokuqukethweyo emsebenzini kaJehova, yize ngokwesimiso babefana.

21 Disemba, 2019

Izingxenye Ezine Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba”

UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Amazwi KaNkulunkulu

1. Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi.

14 Disemba, 2019

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Mayelana NeBhayibheli”

iBhayibheli

1. Eminyakeni eminingi, izindlela zomdabu zabantu zokukholwa (lezo zobuKristu, okungenye yezinkolo ezintathu ezinkulu emhlabeni) bekuwukufunda iBhayibheli; ukusuka eBhayibhelini akulona ukholo eNkosini, ukusuka eBhayibhelini kuyinkolelo-ze embi, kanye nokuhlubuka, futhi ngisho lapho abantu befunda ezinye izincwadi, isisekelo salezo zincwadi kufanele kube ukuchazwa kweBhayibheli.

02 Okthoba, 2018

Yini umehluko phakathi komsebenzi wokuhlenga weNkathi Yomusa kanye nomsebenzi wokwahlulela weNkathi Yombuso? Kungani umuntu kufanele amukele umsebenzi wokwahlulela kwezinsuku zokugcina ngaphambi kokuthola insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho.