Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula funa uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula funa uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

25 Disemba, 2019

UMoya oNgcwele Usebenza Ngendlela Enemigomo

Umthandazo,izwi likaNkulunkulu
UQin Shuting edolobheni laseLinyi, esiFundazweni saseShandong

Esikhathini eside, yize noma ngangingayekanga ukudla nokuphuza amanzi kaNkulunkulu, kodwa ngangingakaze ngikuzwe ukukhanya. Ngangiye ngakhuleka kuNkulunkulu ngikhulekela lokhu kodwa, kamuva,ngangingakakhanyiseleki. Ngakho ngacabanga, “Ngidlile futhi ngaphuza lokho obekufanele futhi uNkulunkulu akangikhanyiseli. Ayikho into engingayenza, futhi anginawo amandla okwamukela amazwi kaNkulunkulu. Kunesikhathi sikaNkulunkulu sokukhanyisela umuntu ngamunye, ngakho akunasizathu sokuzama ukukuphangisa lokhu.” Emva kwalokho, ngagcina imithetho futhi ngadla ngaphuza amazwi kaNkulunkulu ngaphandle kokuxhamazela, “ngesineke” ngilindele ukukhanyisela kukaNkulunkulu.

10 Disemba, 2019

South African Gospel Song "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo" (MV)

South African Gospel Song "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo" (MV)


Thatha ithuba lapho unesikhathi, hlala uthule phambi kukaNkulunkulu.
Funda izwi Lakhe, yazi amaqiniso Akhe, lungisa iziphambeko ezikuwe.
Izilingo ziyafika, bhekana nazo; yazi intando kaNkulunkulu futhi uzoba namandla.
Mtshele ukuthi yiziphi izinto ozintulayo, khuluma iqiniso Lakhe njalo.

05 Okthoba, 2018

Izwi Leshumi

Akufanele wesabe lokhu nalokhuya. Kungakhathaleki ukuthi bungaki ubunzima nezingozi obhekene nakho, uyohlala uqinile phambi Kwami; ungavinjwa yilutho, ukuze intando Yami yenziwe.

02 Okthoba, 2018

Yini umehluko phakathi komsebenzi wokuhlenga weNkathi Yomusa kanye nomsebenzi wokwahlulela weNkathi Yombuso? Kungani umuntu kufanele amukele umsebenzi wokwahlulela kwezinsuku zokugcina ngaphambi kokuthola insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho.