Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Indlela. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Indlela. Bonisa konke okuthunyelwe

23 Juni, 2018

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)



UJohane wasebenzela uJesu iminyaka eyisikhombisa, futhi wayevele eseyilungisile indlela lapho uJesu efika. Ngaphambi kwalokhu, ivangeli lombuso wezulu elalishunyayelwa nguJohane lalizwakala kulo lonke izwe, okwenza lisabalale eJudiya, futhi bonke babembiza ngomprofethi. 

15 Juni, 2018

Isenzo (7)

Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu. Ukuba nonembeza, ingqondo, nokuqonda, ukwazi ukuthi kumele nikhulume kanjani nokuthi nizibone kanjani izinto, ukunaka inhlanzeko, ukuziphatha njengabantu abajwayelekile—zonke lezi yizinto zobuntu obujwayelekile okumele nizazi. 

Isenzo (6)

Namuhla, abantu abaningi abanawo ngisho umcabango ophusile noma ukuzazi kukaPawulu, okwathi, nakuba ashaywa iNkosi uJesu, wayesenesinqumo sokusebenza futhi ahlupheke ngenxa Yayo.

14 Juni, 2018

Phunyuka Emandleni Obumnyama Uzozuzwa UNkulunkulu

        Ayini amandla obumnyama?

       Lokhu okubizwa ngamandla obumnyama kuwukuba isigqila sikaSathane, kungamandla kaSathane, futhi kungamandla aholela ekufeni.

13 Juni, 2018

23. Ukuqonda Ngokusindiswa


ULin Qing      Edolobheni LaseQingzhou, Esifundazweni iShandong
Kule minyaka eminingi yokulandela uNkulunkulu, ngibuyekile ubumnandi bokuba nomndeni wami kanye nokwenyama yami, bengilokhu ngibhizi usuku lonke ngenza imisebenzi yami ebandleni. Ngase ngiyakholwa: Inqobo nje uma ngingayeki umsebenzi enginikwe wona ebandleni, ngingamkhapheli uNkulunkulu, ngingalishiyi ibandla, ngilandele uNkulunkulu kuze kube sekugcineni, ngizohlengwa ngisindiswe nguNkulunkulu.

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)

Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. 

12 Juni, 2018

Isenzo (5)

        Ngesikhathi seNkathi Yomusa, uJesu wakhuluma amazwi athile wenza isigaba esisodwa somsebenzi. Bekunengqikithi kuwo futhi ebefanele izimo zabantu ngaleso sikhathi; uJesu wakhuluma futhi wasebenza njengoba kufanele ingqikithi yangaleso sikhathi. Wabuye wakhuluma iziphrofetho ezithile. 

11 Juni, 2018

South African Gospel Song “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo”



“Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.
Wenza nje intando kaYise.
Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni.
UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe.

10 Juni, 2018

Wonke Amazwi KaNkulunkulu Ayisibonakaliso Sesimo Sakhe


UHu Ke    Edolobheni laseDezhou, EsiFundazweni saseShandong 
Njalo uma ngibona la mazwi ekhulunywa nguNkulunkulu, ngangizizwa nginetwetwe: “Umusho ngamunye engiwukhulumile umumethe isimo sikaNkulunkulu. Niyobe nenza kahle uma nizindla ngokucophelela ngamazwi Ami, futhi niyozuza kakhulu kuwona.” Ngazizwa nginetwetwe ngoba ukuqonda isimo sikaNkulunkulu sibaluleke kakhulu ekuqondeni komuntu uNkulunkulu kanye nasekufuneni komuntu uthando kanye nokumenelisa Yena. Kodwa uma ngidla futhi ngiphuza amazwi kaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi ngangihlale ngizwa sengathi isimo sikaNkulunkulu sasiyinto esengqondweni nje kuphela, futhi ngingakwazi ukusiqonda kahle.

Isahluko 46

Kuwo wonke la mazwi, awekho angakhohlakali ngaphezu kwawanamuhla. Amazwi kaNkulunkulu ekuqaleni ambula isimo somuntu noma izimfihlakalo zasezulwini, nokho leli zwi alifani nelesikhathi esedlule.

09 Juni, 2018

Ukubheka indaba yokushintshwa esikhundleni

UYi Ran eLaiwu City, eShandong Province
       Esikhathini esedlule, ngenxa yokungaqondi kwami umgomo ophathelene nokuhlelwa kabusha kwezisebenzi ebandleni, lapho ibandla lishintsha umholi esikhundleni, kwazaleka umcabango kimi. Ukususela kulokho engangikubuka, udade lo owayeshintshwa esikhundleni wayemuhle kakhulu ekwamukeleni nasekwabelaneni ngeqiniso, futhi wayevulelekile ekuykhulumeni kwakhe ngenkohlakalo.

South African Gospel Song “UMdali Kuphela Onesihawu Ngalesi sintu”



South African Gospel Song “UMdali Kuphela Onesihawu Ngalesi sintu”

uMdali uphakathi kwabantu ngazo zonke izikhathi, uhlala exoxa nomuntu kanye nendalo iyonkana
futhi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku.
Ingqikithi nesimo Sakhe kuvezwa engxoxweni Yakhe nomuntu;
imicabango nemiqondo Yakhe ivezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe;
uphelekezela futhi abuke isintu ngazo zonke izikhathi.
Ukhuluma ngokuthula nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile:
Ngisemazulwini, futhi ngiphakathi kwendalo Yami.
Ngiqaphile; ngilindile; ngisohlangothini lwakho….

04 Juni, 2018

South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"



South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"
I
Inhloso yokwahlulela kukaNkulunkulu ukukhuthaza ukulalela komuntu;
inhloso yokusola kukaNkulunkulu ukuvumela ukuguquka komuntu.
Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ungenxa yokuphatha Kwakhe,
akukho akwenzayo okungalungile kumuntu.
UNkulunkulu ufuna amazwe akude nakwa-Israyeli ukuba alalele njengoba ama-Israyeli enza,
ukubenza babe ngabantu bangempela,
ukuze emazweni akude nakwa-Israyeli kuzuzeke indawo yonyawo lukaNkulunkulu.
Lokhu kungukuphatha kukaNkulunkulu.
Kungumsebezi Wakhe emazweni Abezizwe.

Isahluko 42

Angazi ukuthi lukhona yini uguquko abantu abalubonile ezwini lanamuhla. Abanye abantu kungenzeka ukuthi babonile kancane, kodwa abanaso isibindi sokusho ngokuqinisileyo.

03 Juni, 2018

South African Gospel Song - Ihubo Lombuso “(II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi”



Ihubo Lombuso“(II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
Kulo mzuzu ongajwayelekile, kulesi sikhathi esijabulisayo,
ezulwini phezulu, naphansi, bonke bayahlabelela, becula izindumiso.
Kulokhu, ubani ongajabule? Kulokhu, ngubani ongenanhliziyo ethokozile?
Bebhekene nalokhu, ngubani ongaphunyelwa unyembezi?
Izulu, lingaselona izulu lakudala, yizulu lombuso.
Umhlaba, kungasewona umhlaba wakuqala, ngumhlaba wokucweba.
Emva kwemvula enkulu, umhlaba omdala omubi usuguquke ngokugcwele.

Impi Yempilo Nokufa

UChang Moyang Edolobheni LaseZhengzhou, Esifundazweni SaseHenan
      “Lapho ushiya inyama, ngokungegwemeke kuzokuba khona impi ngaphakathi. USathane ufuna ukuthi ulandele imicabango yenyama, ukuvikela lokho okufunwa yinyama. Nokho, intando kaNkulunkulu isakukhanyisela futhi ikukhanyise ngaphakathi, ikunyakazise ngaphakathi futhi isebenze ngaphakathi. Kuleli qophelo, kukuwe ukuthi uzolandela bani. Njalo lapho kwenziwa khona iqiniso nangaso sonke isikhathi abantu abenza ngaso ukuthanda uNkulunkulu, kuba nempi enkulu engemuva kwalokho. 

01 Juni, 2018

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesishiyagalolunye

UNkulunkulu USomandla uthi:“Emsebenzini owenziwa abantu, omunye wawo wenziwa ngomyalelo oqondile ophuma kuNkulunkulu, kodwa engxenyeni yawo uNkulunkulu akabeki imiyalelo esobala, okukhombisa ngokwenele ukuthi okwenziwa uNkulunkulu, namuhla, kusafanele kwembulwe ngokuphelele—okusho ukuthi, kuningi okusafihlekile futhi okusazophumela obala. 

South African Best christian Music 2018 “O Sithandwa Sami, Ngilinde” Longing for God



South African Gospel Music 2018 “O Sithandwa Sami, Ngilinde” Longing for God
I
Inyanga yenyuka kancane phezu kwezicongo zemithi,
ukukhanya kwayo kuhle, njengesithandwa sami.
Sithandwa sami, ukuphi Wena?
Usungizwile ngikhala?
Ngubani omunye onginika uthando ngaphandle Kwakho?
Ngubani ongikhathalelayo ngaphandle Kwakho?
Ngubani onginakekelayo ngaphandle Kwakho?
Ngubani owazisa ukuphila kwami ngaphandle Kwakho?
Nyanga, maduze uphindela ohlangothini lwezulu olukude.
Ungenzi isithandwa sami sikhathazeke. Ngicela wedlulise imicabango yami.
Ungakhohlwa ukuhamba nothando lwami.

31 Meyi, 2018

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nanye

          Usebenza kanjani uNkulunkulu kumuntu? Ingabe uyakuqonda lokhu? Ingabe kucacile? Futhi kwenziwa kanjani ebandleni? Yini oyicabangayo? Ingabe uke wayicabangela le mibuzo? Yini ethemba ukuyifeza ngomsebenzi waKhe ebandleni? Ingabe konke kucacile manje? Uma kungenjalo, khona-ke konke lokho okwenzayo kuyize, akulutho futhi akusebenzi! 

30 Meyi, 2018

Isimo sikaNkulunkulu Siwukulunga futhi ngaPhezu Kwakho Konke Siluthando

UFang Xin, eBeijing
15 KuNcwaba, 2012
      Kusukela ngowezi-2007, ngenkathi ngemukela umsebenzi wezinsuku zokugcina kaNkulunkulu uSomandla, noma ngangibonakala ebusweni ngimatasa ukufeza imisebenzi yami, angimnikanga uNkulunkulu inhliziyo yami, futhi ngangivame ukuzizwa ngibophekile okwakuze kufike ezingeni lokufuthelana ngenxa yezinkinga zomndeni wami ezingabalulekile.