Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izwi likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izwi likaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

22 Disemba, 2019

Amazwi KaNkulunkulu Asusa Imibono Yami

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Amazwi kaNkulunkulu

UXiao Rui wasedolobheni iPanzhihua, isifundazwe saseSichuan

Lapho ngishumayela ivangeli ngahlangana nabaholi benkolo ababethula ubufakazi bamanga ukuba balwe baphazamise babize namaphoyisa. Lokhu kwaholela ekutheni labo ebengishumayela kubo bangazihluphi ukuba beze baxhumane nathi, nalabo ebebeqeda ukwamukela ivangeli bengakwazi ukuba nesibindi emsebenzini kaNkulunkulu. Lapho ngisebenza kanzima kepha imiphumela ingemihle, ngacabanga: Umsebenzi wevangeli unzima ukuwenza.

12 Disemba, 2019

Ingqikithi Yokusebenzisa Kabi Amandla Ukuze Uziphindisele

UZhou Li Edolobheni LaseXintai, Esifundazweni iShandong

Kudala, sasidinga ukuhlukanisa izifunda endaweni yethu, kodwa ngokwemigomo yethu yokuhlungwa kwabaholi, kwakunomfo owayebukeka ekulungele kangcono ukuthatha isikhundla. Ngalungiselela ukumkhethela esikhundleni sokuhola isifunda. Ngolunye usuku ngixoxa nalo mfo, wabalula ukuthi wayebona sengathi nginokuzikhukhumeza emsebenzini wami, angikhululekile, nokuthi uma kuhlanganyelwe nami akubi khona ukujabula…. Uma ngikuzwa lokhu, ngezwa sengathi ngehlisiwe. Ngezwa ubuhlungu, khona lapho ngabe sengiqala ngimbheka ngenye indlela lo mfo, ngangabe ngisalungiselela ukumkhethela esikhundleni sokuhola isifunda.

08 Disemba, 2019

I. Umyalo KaNkulunkulu Ku-Adamu

(UGenesise 2:15-17) INKOSI uNkulunkulu yase imthatha umuntu, yambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele. Futhi iNKOSI uNkulunkulu yamyala umuntu, yathi, Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.

16 Agasti, 2018

Isahluko 3

INkosi enqobile ihleli esihlalweni Sayo sobukhosi esikhazimulayo. Ifeze ukuhlenga futhi iholele bonke abantu Bayo ekubeni babonakale enkazimulweni. Iphethe izulu nomhlaba ezandleni Zayo futhi ngokuhlakanipha namandla Ayo obunkulunkulu yakhe futhi yenza iSiyoni eliqinile. 

06 Agasti, 2018

3. Yini sonke isigaba esisha somsebenzi kaNkulunkulu sibhekana nokudelelwa ngamandla kanye nokulahlwa yizwe lezenkolo? Yini imbangela eyisisusa salokhu?

 insindiso,Iqiniso,UMoya Ongcwele,uJesu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze. 

02 Agasti, 2018

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)

   Isikhathi sokuqala uNkulunkulu aba yinyama ngaso kwakungokokukhulelwa ngoMoya oNgcwele, futhi kwakuhlobene nomsebenzi ayehlose ukuwenza. Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya oNgcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, futhi igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya oNgcwele waqala umsebenzi omusha, kakhulu ngaphansi kwegama likaJesu. 

1. Ingabe uNkulunkulu weqiniso owadala izulu nomhlaba nakho konke uyedwa noma muthathu?

 insindiso,Ubufakazi,Iqiniso


Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi” (UJohane 14:8-11).

28 Julayi, 2018

Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo



south african gospel music "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo"
I
Iqiniso lingokoqobo kakhulu kunazo zonke izisho zempilo,
futhi liphakeme kunazo zonke phakathi kwaso sonke isintu.
Libizwa ngesisho sokuphila ngoba liyilokho,
ngoba liyilokho uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha,
uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.

26 Julayi, 2018

Abantu Abakhethiwe eShayina Abakwazi Ukumela Noma Yisiphi Isizwe sakwa-Israyeli

Indlu kaDavide yathola isethembiso sikaJehova, futhi yayingumndeni owathola ifa likaJehova. Kwasekuqaleni kwakungesinye sezizwe zakwa-Israyeli futhi kwakungesalabo bantu ababekhethiwe. Ngaleso sikhathi, uJehova wanquma umthetho kubantu bakwa-Israyeli othi bonke abantu abangamaJuda bendlu kaDavide, bonke labo ababezalwe kuleyondlu bayothola ifa Lakhe. 

Ubunjalo Bomuntu Bemvelo Nokufaneleka Kwakhe: Kuyini?

Nahlukaniswa nodaka futhi nakunoma yisiphi isilinganiso, nakhethwa enhleseni, ningcolile futhi nizondwa uNkulunkulu. Nina beningabakaSathane futhi naninyatheliwe ningcoliswe yikho. Ingakho kuthiwa nahlukaniswa nodaka, futhi aningcwele, kodwa kunalokho niyizinto ezingebona abantu lokho okwadala ukuba uSathane anenze iziwula. 

25 Julayi, 2018

Yini ukuhlwithwa kwangempela?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).

Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami” (IsAm 3:20).

Ukuhlwithwa kufanele kusekelwe emazwini kaNkulunkulu futhi hhayi emicabangweni nasebucikweni bomuntu

Iqiniso, insindiso,Ubufakazi,umusa kaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso Wakho mawufike, intando Yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini” (Mathewu 6:9-10).

23 Julayi, 2018

Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi

Kule minyaka emibili ukuya kwemithathu, yomsebenzi, kufanele ukuthi ngabe sekuzuzweni emsebenzini wokwahlulelwa owenzelwe kinina usuzuziwe. Abantu abaningi babekele eceleni ikusasa, imicabango nempelela yabo kancane. Noma kunjalo, uma kushiwo ukuthi niyisizukulwane sikaMowabi, iningi lenu anikwazi ukukumela lokho—ukwakheka kwenu kuzoguquka, imilomo yenu izosonteka, bese amehlo enu agqolozele. Anikholwa ukuthi niyisizukulwane sikaMowabi, uMowabi waxoshwa kuleli zwe emva kokuqalekiswa.

22 Julayi, 2018

Ukuthuthukisa Izinga Ngokokuthola Insindiso kaNkulunkulu

Ukuthuthukisa izinga labantu kudinga ukuba nithuthukise amakhono enu okwamukela. Isidingo esiyisisekelo kinina ukuba namukele ngokucacile amazwi akhulunywe kinina.

01 Julayi, 2018

Ubuso Beqiniso Bomuntu Obizwa Ngokuthi Ulungile

UKemu    Edolobheni laseZhumadian, Esifundazweni saseHenan
Engqondweni yami, bengilokhu ngizibona njengomuntu onobuntu. Ngike ngacabanga ngalokhu ngoba, omakhelwane bami babeke bangincome phambi kwabazali bami ngokuba umuntu okhaliphile futhi okhombisa ukunakekela umndeni; bathi ngiyintandokazi emehlweni abazali bami. Emva kokushada, abasemzini wami babengincoma phambi komakhelwane bami ngokuba nomusa nobudlelwane obuhle nabo.

27 Juni, 2018

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)

      Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu.

21 Juni, 2018

Kungani isintu kufanele sikholwe kuNkulunkulu?


Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
        “UNkulunkulu wadala zonke izinto, ngakho wenza yonke indalo ibe ngaphansi kombuso Wakhe, izithobe kuwo; uyolawula zonke izinto, ukuze konke kube sezandleni Zakhe. Yonke indalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nezilwane, izitshalo, abantu, izintaba, imifula, kanye namachibi—konke kufanele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Konke okusesibhakabhakeni nasemhlabathini kumele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Akukho okunye okungakwenza, kumele konke kuzithobe ekuhleleni Kwakhe. 

15 Juni, 2018

Isenzo (7)

Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu. Ukuba nonembeza, ingqondo, nokuqonda, ukwazi ukuthi kumele nikhulume kanjani nokuthi nizibone kanjani izinto, ukunaka inhlanzeko, ukuziphatha njengabantu abajwayelekile—zonke lezi yizinto zobuntu obujwayelekile okumele nizazi. 

Isenzo (6)

Namuhla, abantu abaningi abanawo ngisho umcabango ophusile noma ukuzazi kukaPawulu, okwathi, nakuba ashaywa iNkosi uJesu, wayesenesinqumo sokusebenza futhi ahlupheke ngenxa Yayo.

14 Juni, 2018

Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)

UNkulunkulu USomandla uthi:“Nanivame ukufuna ukubusa njengamakhosi, kanti nanamhlanje anikakuyeki lokhu ngokuphelele; nisafisa ukubusa njengamakhosi, ukuphakamisa amazulu nisekele umhlaba. Manje, ake ucabange ngakho: Ingabe ninazo lezo zimfanelo? Ngabe anikhombisi yini ukungabi nangqondo? Ngabe lokhu enikufunayo nenichitha isikhathi ukukunaka, kuyinto ekhona?